UHunt oxoshwe yiChiefs angase avumbuke kwelaseZambia

UHunt oxoshwe yiChiefs angase avumbuke kwelaseZambia
UGavin Hunt
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi osanda kuxoshwa kwiKaizer Chiefs, uGavin Hunt kungenzeka alifulathele elakuleli ayoqeqesha eZambia. Ngokubika kweZamfoot, uHunt ubhekwe kuleliya lizwe ngoMsombuluko la azofike aqede konke nabaphathi beZanaco.

Kuthiwa leli qembu lichazwe yindlela uHunt akwaze ukuhambisa iChiefs ibanga elide kwiCAF Champions League.

UHunt ukhonjwe indlela afika kuyo kwiChiefs ngemuva kokuphambana nabaphathi ngemibono ezintweni eziningi. Nokho uyishiye eseyifake emidlalweni eyandulela owamanqamu kulo mqhudelwano.

IChiefs yaqasha uStuart Baxter endaweni kaHunt kanti ngokubambisa no-Arthur Zwane noBillon Shepard sebeyifake kowamanqamu kwiChampions League.

Izanaco ayizudlala kwiChampions League ngesizini ezayo njengoba iqede endaweni yesibili ngemuva kweZesco United. Nokho kwethenjwe ukuthi uHunt uzokwazi ukuyiwinisa iligi ngesizini ezayo, bese ingena kule midlalo enesifiso sokuyiwina.

Ixoshe obengumqeqeshi wayo, uChris Kaunda yize eqede endaweni yesibili. Okuxwayise abaphathi beZanaco wukuthi ibisilele emuva ngamaphuzu angu-16 kwiZesco.

“Yebo sekuqediwe konke. Uyeza nje lapha namuhla futhi uzobe esebhlangana nebhodi elengamele iqembu kuqedwe konke,” iZamfoot icaphune umthombo osondelene neqembu usho kanje.

FUNDA NALA: Akayizwa eyokusatshwa kweChiefs owayeyisihlabani se-Al Ahly

Indodakazi kaHunt, uKaitlin Hunt ike yakuveza kwiTwitter ukuthi kunezindaba ezinkulu ezizayo ngoyise. UKaitlin ubhale igama likayise, wafaka i-emoji yendlebe wabe esebhala ukuthi abantu bangalikhohlwa lelo gama.

UHunt ubeke wamataniswa neStellenbosch la bekuthiwa sekuvimbe ukuthi abezwani ngezimali okuyikho okumenze wangaya khona. NeSuperSport beyimhalela kodwa nakuyo inkinga yizo izimali.

Nakwi-Orlando Pirates uke wakhonjwa. Nokho ukhale ngaphansi njengoba leli qembu kuthiwa lifuna uSteve Komphela okulindeleke amenyezelwe ngoLwesine kuleli qembu.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.