UHunt ubona iChiefs inethuba lokudla isicoco seligi uma ingabamba umgqigqo wayo

OkaDonga Gumbi

Uma iKaizer Chiefs ingaqhubeka nalo mgqigqo wayo oyenze yaqoqa amaphuzu angu-11 emidlalweni yayo emihlanu edlule, ingazibona seyisethubeni lokudla isicoco seDStv Premiership.

Lokhu kuvezwe ngumqeqeshi waleli qembu laseNaturena, uGavin Hunt, ngoLwesibili ngemuva kokudlala ngokulingana neBaroka FC emdlalweni weDStv Premiership ophele ngo 1-1 eFNB Stadium.

“Besingenzi kahle emidlalweni yeligi,” usho kanje uHunt. “Akuhambanga ngendlela ebesifisa ngayo… Besifuna ukuthi kushaye lesi sikhathi sesinamaphuzu angaphezulu kuka-25. Kodwa asikasondeli lapho. Akungabazisi ukuthi kunezimpawu zokuthi siya ngokuba ngcono,” kuqhuba yena.

Kodwa uma ubheka ukuthi iChiefs iwuqale kabi kanjani umkhankaso wayo, uHunt akakhali kodwa unethemba lokuthi bazokwazi ukuqhubeka nomgqigqo wabo futhi baqhubeke baqoqe amaphuzu.

Amakhosi asenamaphuzu angu-18 kuphela ngemuva kwemidlalo engu-14, okwenza asalele emuva ngayisithupha kulawo afiswa nguHunt.

“Angikhonondi ngalutho… Akufanele ngikhononde uma ubheka lapho esisuka khona. Cha. Engiqonde ukukusho ukuthi, ah, ngicabanga ukuthi kube kuhle ukuthi siqoqe amaphuzu angu-11 emidlalweni emihlanu.

“Uyazi ukuthi uma uqoqa ayishumi emidlalweni emihlanu ungayiwina iligi, kunjalo ngempela… kukunika amaphuzu angu-60 noma ngaphezulu.

“Kodwa lapho esisuka khona thina, khona besifuna okuthe xaxa, futhi bengicabanga ukuthi umdlalo wanamuhla sizowuwina impela. KwiStellenbosch ngangazi kuzoba nzima kodwa namuhla bengibalile ukuthi sizowina.”

Leave a Reply

Your email address will not be published.