UHunt ubona iSundowns iyisiqhwaga esizozenzela nje kwiChippa

UHunt ubona iSundowns iyisiqhwaga esizozenzela kwiChippa
UGavin Hunt
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weChippa United uGavin Hunt, ubona sengathi kuqhathwe uFloyd Mayweather nomshayisibhakela osekuma-amesha njengoba bezobhekana neMamelodi Sundowns.

La maqembu azitholana phezulu emdlalweni weDStv Premiership eNelson Mandela Bay Stadium ngoLwesibili ngo-5 ntambama.

ISundowns ayishayeki kalula ikakhulukazi emidlalweni yeligi. Ngesizini edlule leli qembu laseChloorkop lishaywe yiKaizer Chiefs kuphela emidlalweni yeligi isizini yonke.

“Yimpi engabhalinsile, akunjalo? Buka bona, bese ubheke thina. Sizobhekana nomdlalo ngendlela esingenza ngayo, sizame ukwenza okusemandleni ethu.

“ISundowns ayikho kwiligi yethu, sikwenye iligi thina,” kusho uHunt. Noma kunjalo, uHunt kumele aqhamuke necebo lokuzama ukumketula uMayweather oyiSundowns.

“Nokho sizozinikela, yilokho kuphela engingakucela kubadlali bami. Sizozihlela kahle, sibhekane nomdlalo, ngeke wazi ukuthi kuzokwenzekani.”

IChilli Boys ivule imidlalo yeligi ngokushaya iSekhukhune United – esanda kufika kwiPremiership – ngo 1-0 ngempelasonto edlule.

FUNDA NALA: Kumangale abaningi kusala uNgcobo kwiBafana Bafana

UHunt uthe lokhu kubasizile ukuthi babe nokuzethemba. “Sibe nomdlalo omuhle, senza amathuba ethu kahle, nokusenze saba yiqembu elingcono kulo mdlalo.

“Yithina ebesiphethe ibhola isikhathi esiningi, futhi uma sekufanele sivimbe emuva besikwenza kahle lokho,” kusho uHunt.

ISundowns yona iqale ngokushaya AmaZulu FC ngo 1-0. Ngemuva kwalo mdlalo wangoLwesibili, amaBrazilians azodlala umlenze wokuqala weMTN 8 neLamontville Golden Arrows eThekwini ngempelasonto.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.