UHunt ulahlwe elakubo ezifaka ngobuso esidlekeni samaqendevane

UHunt ulahlwe elakubo ezifake ngobuso esidlekeni samaqendevane
UGavin Hunt
UBHALWE: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ngokolwazi lwami lwebhola umqeqeshi uGavin Hunt ungumuntu ongagcini ngokuba namava kuphela kodwa uphinde abe nenhlanhla. Ngokuba nenhlanhla angiqondile ukuthi konke lokhu asekuzuzile akumfanele kodwa labo abalaziyo ibhola bakwazi kahle ukuthi inhlanhla iyafuneka kakhulu ebholeni.

Buka nje ukufulathelwa yinhlanhla kweKaizer Chiefs ukuthi kuke kwayenza ihlaya kanjani. Phela kwase kubukeka sengathi ikwenze konke ifika kowamanqamu kwiNedbank Cup kodwa yavele yathelwa induku yiTS Galaxy.

Kuphindile futhi lokho sekubukeka sengathi izowina isicoco seligi, kodwa yavele yahlwithwa iqatha emlonyeni yiMamelodi Sundowns emidlalweni yokugcina ngci.

Bengidlula nje kwiChiefs ngoba ngifuna ukucacisa le yenhlanhla. UHunt ngicabanga ukuthi inhlanhla yakhe ithande ukubaleka kula masizini edlule. Kuqale ngokuthi kudayiswe iBidvest Wits okuyiqembu abeselakhe kakhulu, wawina nalo isicoco seligi.

Nokho bengazi ukuthi ngeke ashode ngomsebenzi uHunt futhi angimangalanga ngesikhathi eqashwa yiChiefs. Kuthe uma efika lapho kwiChiefs kwaphinde kwacaca ukuthi inhlanhla isambalekele njengoba leli qembu laseNaturena ligcine lingaliwinanga icala ebelibhekene nalo lokuthi lingasayinisi abadlali.

Phela uHunt ubefike eNaturena lisekhona ithemba lokuthi iChiefs izobasayinisa abadlali ngoba bebesalidlulisile icala. Isizini edlule kaHunt neChiefs ngicabanga ukuthi uyohlale eyithatha njengembi kunawo wonke empilweni yakhe.

Lo mqeqeshi ubengakaze axoshwe yiqembu kodwa lokhu kugcine kwenzekile ngoba izinto zakhe bezingahlangani nhlobo kuMakhosi. Angifuni ukuzifaka kakhulu kulokhu okushiwoyo ukuthi uHunt uyena obekhuluma ukuthanda kwakhe nabanye babadlali beChiefs.

Nokho ngiyakubona ukufulathelwa yinhlannhla kulo mqeqeshi. Hhayike inhlanhla kaHunt ngiyibona ihamba iyositha le njengoba eseqome ukuyozifaka esihogweni soqobo. Indaba yokuthi umqeqeshi ophezulu njengoHunt angaya koqeqesha iChippa United yinto engiyibona ingeke isebenze nakancane.

Sengikusho kaningi ukuthi angiyihloniphi nakancane indlela enza ngayo uSiviwe “Chippa” Mpengesi kwiChilli Boys. Empeleni uMpengesi uyena ongazihloniphi nhlobo ngakho akasoze ayithole inhlonipho lapha kimi.

Empeleni nje abaqeqeshi baseNingizimu Afrika kumele ngabe abasalubhadi kuleli qembu ngoba uMpengesi wenza ukuthanda kwakhe. Ubaxosha sengathi yizingane zasenkulisa ezisuke zigangile.

FUNDA NALA: Izindaba ezinhle nezimbi kwiBafana ngeCovid-19

Ngiyazi ukuthi ekugcineni wonke umuntu ufuna ukubeka isinkwa etafuleni. Kodwa lokho akusho ukuthi kumele uvele uzifake nje, uyosebenza nomuntu ongabahloniphi abanye abantu. UHunt ngimazi kahle mina ngakho angimboni nje ehlala kwiChippa.

UMpengesi wehlula abantu abanomoya ophansi kunoHunt abafana noManqoba Mngqithi noClinton Larsen. Angimfiseli okubi uHunt kwiChilli Boys kodwa ngibona sengathi uzodlala ngamava akhe futhi nenhlanhla yakhe ebholeni sekuwukuphela kwayo. Shwiii!!

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.