UHunt uncoma ukudlala kahle kuka-Agay noCardoso

Sihle Ndlovu

UGavin Hunt oqeqesha iKaizer Chiefs kubukeka kumsebenzela ukushintsha abadlali ezindaweni abadlala kuzona njengoba iqembu seliwine imidlalo emibili ilandelana enza lokhu.

Lo mqeqeshi akakwenzi lokhu ngoba ethanda kodwa yingoba kuyaziwa ukuthi iChiefs ayisayinisanga badlali ekuqaleni kwesizini ngenxa yesigwebo esinikwe yiFifa.

IChiefs ithole amaphuzu aphelele iqumba phansi iCape Town City ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership, eCape Town Stadium, eKapa, ngoMgqibelo.

UHunt uyaphoqeleka ukushintsha abadlali abathile abadlalise lapho bengavamile ukudlala khona ngenxa yokuthi kukhona abangekho. Esiswini uWillard Katsande akekho ngenxa yokulimala, kanti nasemuva bayashoda njengoba engekho u-Erick Mathoho obeshonelwe uyise.

Umdlali obukeka ebhukulile ikakhulukazi njengoba edlala emuva kulezi zinsuku, ngu-Anthony Akumu Agay. NoDaniel Cardoso ubukeka engena khaxa esiswini lapho emjiba khona uHunt.

“Akayena umdlali wasesiswini (u-Agay). Akafithi nakancane lapho. Angazi ukuthi ngesikhathi esayiniswa kwakuthiweni kodwa akayena nakancane umdlali waseswini. Udlale imidlalo emithathu edlule egcwele ngoba sinezinkinga. Udlala kahle ngicabanga ukuthi nanamuhla wenze kahle kakhulu. Sengathi angaqhubeka,” kusho uHunt.

Mayelana nokudlalisa uCardoso esiswini, hhayi emuva njengenjwayelo, uHunt uveze into abanye abebengayazi ngalo mdlali.

“UDaniel Cardoso wayengumgadli, wase egcina edlala emuva. Ngicabanga ukuthi ungcono esiswini njengoba uKatsande engekho noTower (Mathoho) engadlali, kanti no-Akumu udlala emuva, besingenaye umuntu obezodlala le ndawo. Ngicabanga ukuthi usenze kahle kakhulu njengoba enzile namuhla. Njengamanje angicabangi ngomdlalo olandelayo kodwa sizama ukuthola imiphumela embalwa,” kusho uHunt.

Mayelana nomdlalo uHunt uthe ujabule ngokuthi bashaye amagoli amabili asheshayo bahamba phambili.

“Besinethuba lokuthola amanye amagoli, nabo bawatholile awabo amathuba okushaya amagoli. Siyadlala njalo ngemuva kwezinsuku ezimbili noma ezintathu njengoba sidlala futhi ngoLwesibili,” kuphetha uHunt.

IChiefs izobhekana neTshakhuma FC koweligi ngoLwesibili eFNB Stadium ngo-5 ntambama.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *