UHunt uncoma ukuzikhandla kuKhune ejimini yeChiefs

Akwazi ukuthi kuzoqala muphi unozinti uma iKaizer Chiefs seyidlala oweCAF Champions League eMorocco

OKADONGA GUMBI

Kusobala ukuthi amazwi omqeqeshi weKaizer Chiefs, uGavin Hunt, ayitholile indawo kunozinti waleli qembu weminyaka u-Itumeleng Khune obalwe kubadlali abaya eMorocco ngoLwesithathu kowomlenze wokuqala kweyamaqoqo kwiCAF Champions League neWydad Athletic, eMohamed V Stadium, eCasablanca.

Kusukela eboze iChiefs ibhekene neBlack Leopards neSuperSport ngokulandelana ngenyanga edlule kwiDStv Premiership, uKhune akakaze phinde abonakale esikimini saMakhosi.

Ebuzwa ngeledlule uHunt ngesimo sikaKhune, lo mqeqeshi akazange afihle lutho njengenjwayelo.

“Ungawuhamba wonke umhlaba akekho umdlali okungesakhe isikimu ngaphandle kokusisebenzela. NakwiChiefs yinto efanayo. Akekho umdlali ijezi okungelakhe kumnyama kubomvu.

“Kusemqoka ukuthi uKhune asebenze ngokuzikhandla njengoba enza bese elinda ithuba lakhe njengabo bonke abanye abadlali kwiChiefs.

“Ukuhamba izindlela ezifana nale esizoyithatha (CAF Champions League) sazi ukuthi umuntu onesipiliyoni ukhona phakathi kwethu, kuyasinika lelo themba. Ungumdlali omqoka kakhulu kithina,” usho kanje uHunt ngeledlule.

Amakhosi anomdlalo onzima ngoLwesithathu neWydad ekubeni leli qembu kuphansi ukuzethemba kwalo njengoba liphoxwe ukuwashiswa yijezi iRichards Bay kwiNedbank Cup Last 32, edlala esigabeni esingezansi kwesikhulu.

UKhune ubengeyona ingxenye yalo mdlalo (neRichards Bay) namanje iChiefs esangcofwa ngawo.

Kucacile-ke nokho ukuthi lo nozonti obeyisithandwa nakwiBafana Bafana uzwile wabhukula njengoba esebaliwe kwabangu-18 abazoya eMorocco.

“Wenza kahle ejimini uzimisiele kakhulu. Uma ithuba lakhe selifikile ngikhulekela ukuthi alibambe ngazo zombili,” kusho uHunt ngalo nozonti oseye ephindelela neBafana eMorocco.

Iphutha likaDaniel Akpeyi ochobe ibhola esikhundleni sokulibamba kungena igoli lokuqala leRichards Bay, lingase limlahlekisele nendawo kulo mdlalo wangoLwesithathu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *