UHunt unethuba lokujezisa iChiefs ngokumxosha kuseva

U-Arthur Zwane weKaizer Chiefs noGavin Hunt weSuperSport United

 

Sihle Ndlovu

Ngesizini eyandulela edlule uGavin Hunt ufike kwiKaizer Chiefs ezozama ukulungisa isimo ngemuva kokuthi leli qembu laseNaturena kungalihambelanga kahle ngaphansi kuka-Ernst  “Mazinyo” Middendorp.

Empeleni uMazinyo akenzanga kabi neze kuMakhosi ngesikhathi egcina kuwona njengoba aphuthwa yindebe yeDStv Premiership emdlalweni wokugcina ngci wesizini. Nokho iqembu alizange limxolele ngalokho, lamkhomba eza ngayo.

Ube esefika uHunt eNaturena obesuka kwiBidvest Wits engasekho, futhi enze kahle nayo. Ngebhadi lakhe uHunt ufike kwiChiefs ingavunyelwe ukusayinisa abadlali ngenxa yesigwebo ebisidonsa.

Izinto azimhambelanga kahle uHunt kuMakhosi nokugcine ngokuthi lo mqeqeshi akhonjwe indlela ingakahambi nakakhulu isizini. Kube sekubamba u-Arthur “10111” Zwane noDillon Sheppard, obefike noHunt kwiChiefs.

Akukho ukuthandabuza ukuthi uHunt ushiye kwiChiefs engakathandi futhi esafuna ukukhombisa ukuthi ungumqeqeshi ongakwazi ukuyibamba eqenjini elikhulu. Lo mqeqeshi uzothola ithuba lokuziphindesela kwiChiefs njengoba la maqembu ezotholana phezulu emdlalwemi weDStv Premiership, eFNB Stadium, ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.

Ngokwendlela izinto ezenzeka ngayo kungalindelwa ukuthi iSuperSport iyishaye iChiefs esakwaze ukuwina imidlalo emibili kweyisikhombisa eyidlalile, nokuyinto eyenza ihlale endaweni ka-14 kwilogi. Ngasohlangothini lwezikaHunt zibukeka zihlangana kahle impela nokwenza ukuthi zihlale endaweni yesithupha kwilogi.

Emdlalweni wokugcina wePremiership iChiefs ibambane neMarumo Gallants ngo 1-1, kanti icisho yashaywa kulo mdlalo njengoba ishaye igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-84. ISuperSport yona igcine ishaye iMaritzburg United ngo 2-1 kuwona oweligi, futhi seyiwine imidlalo emithathu ilandelana.

Ukushaywa kweChiefs ngoMgqibelo kungafaka enkulu ingcindezi kuZwane nethimba lakhe. Amakhosi angase aye emdlalweni wawo neSuperSport eseyibambe kunombolo 15, noma avale usuku esesekugcineni ngci uma iGallants neSekukhune United beyiwina imidlalo yabo abazoyidlala ngaphambi koweChiefs. IGallants izovakashela iChippa United ngo-3 ntambama, kanti iSekhukhune izokwamukela iStellenbosch FC ngo-7.30 ebusuku.

editor@impempe.com

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *