UHunt unxenxa umdlali weChiefs ukuba azikhandle ukuze athole ijezi

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uGavin Hunt

OKADONGA GUMBI

Ngesikhathi efika kwiKaizer Chiefs kwaba nesasasa elikhulu kuthiwa leli qembu laseNaturena lihlabene ngengwazi yangempela.

Kodwa kuze kube manje akukho okutheni okusenziwe nguLazarous Kambole ofike kuMakhosi ekuqaleni kwesizini ka-2019/20 esuka kwiZesco United yaseZambia.

Abadlali afika kanye nabo, oSamir Nurkovic noReeve Frosler bona sebeyingxenye yeqembu eliqala imidlalo kanti yena usafakwa amancozuncozu esuka ebhentshini.

Umqeqeshi weChiefs, uGavin Hunt ugcine ekuvezile ukuthi kungani lo mgadli oneminyaka engu-27 engakangeni eqenjini eliqala imidlalo.

ULazarous Kambole

“Kumele aqinise ekuzikhandleni. Akukho angikhombisa khona ejimini okungenza ngimqalise imidlalo,” kusho uHunt. UKambole ungene ngesiwombe sesibili emdlalweni weChiefs ngoLwesibili ebusuku.

Nokho akukho akwenzile ukusiza njengoba iqembu belihluleka ukugqekeza udonga lwasemuva lweHoroya Athletic emdlalweni weCAF Champions League obuseFNB Stadium ophele zibambene ngo 0-0.

“Nanamuhla ngimfakile, bengilindele enze umehluko. Ngimnike imizuzu cishe engu-15 noma 20, futhi bengike ngakucabanga nokumqalisa.

“Kumele enze kangcono, akwazi ukungena ezikhaleni uma engaliphethe ibhola. Engalindi ibhola ngaphambi kokuzama ukudlala,” kucacisa uHunt ngemuva komdlalo wangoLwesibili.

Uthe ayikho enye into evimba ukuba uKambole anganikwa njalo ithuba ngaphandle kokuthi akakulweli ejimini ukuqaliswa imidlalo.

“Ubuya ngaphandle yingakho kumele azikhandle. Ngimkhonzile, futhi anginankinga naye. Kodwa sidinga akhombise ukuzimisela nokuzikhandla njengoba eqhamuka ngaphandle,” kuphetha uHunt.

Cishe uzophinde alithole elinye ithuba lokuziveza uKambole uma Amakhosi esebhekene neWydad Athletic emdlalweni wawo wesibili kuGroup C weChampions League ngeSonto.

Lo mdlalo owahlehliswa emavikini amabili edlule usuhlelelwe ukudlalelwa eStade du 4 Aout e-Ouagadougou, eBurkina Faso.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.