UHunt usehleli ngesinqe esisodwa kwiChippa

UGavin Hunt
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Akukho ukungabaza ukuthi abanye abalandeli bebhola eNingizimu Afrika bayazibuza ukuthi liphephe kangakanani ikusasa lomqeqeshi weChippa United uGavin Hunt.

Izinto azihambi kahle neze kwiChilli Boys kanti kuyaziwa ukuthi usihlalo wayo uSiviwe “Chippa” Mpengesi, akananazi ekuxosheni abaqeqeshi.

Yebo lo sihlalo ufunge wagomela ukuthi uzomnika ithuba uHunt kodwa akulula neze ukwethemba uMpengesi.

IChippa ishaywe yiCape Town City ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu eKapa.

Akungabazeki ukuthi lokhu kufaka ingcindezi kuHunt njengoba iqembu lingawini.

UHunt ubezwakala ephansi ngemuva komdlalo wabo neCitizens lapho bededele khona igoli ekugcineni.

“Ngicabanga ukuthi sithole amathuba amahle kakhulu. Bathole cishe amathuba amabili umdlalo wonke base bashaya igoli ngomzuzu ka-90,” kusho uHunt.

“Sithole amathuba amaningi ngasebhokisini kodwa sizokwamukela lokhu. Kuyaphoxa kakhulu ukuthi bashaye igoli ekugcineni ngoba bekungaba isimo esihluke kakhulu.”

IChilli Boys ishaywe yiKaizer Chiefs ngo 4-0 yase idlala ngokulingana neSwallows FC ngo 0-0 ngaphambi komdlalo wangoLwesithathu.

Lokhu kuyenza ihlale endaweni yesithathu ukusuka emsileni ngamaphuzu ayisithupha kwilogi yePremiership.

Leli qembu likaMpengesi lisakwaze ukuwina umdlalo owodwa kuphela kweyisishiyagalolunye eliyidlalile.

Lishaywe kwemihlanu ladlala ngokulingana kwemithathu.

Emdlalweni olandelayo weligi iChippa izovakwamukela iMaritzburg United eNelson Mandela Bay Stadium ngeSonto ntambama.

Mhlawumbe yiwo lo mdlalo ongase ucacise ngekusasa likaHunt.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.