UHunt usengumqeqeshi weChippa edume ngokuxosha abaqeqeshi

UGavin Hunt noSiviwe Mpengesi
UDABA: Okadonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Usengumqeqeshi weChippa United uGavin Hunt ogxalwe yiKaizer Chiefs ngasekupheleni kwesizini edlule. Impempe seyingakuqinisekisa ukuthi uHunt usayine inkontileka naleli qembu ngoLwesithathu ekuseni kanti uzomenyezelwa maduze nje.

Lezi zindaba zihletshelwe Impempe ngomunye wabasondelene nalo mqeqeshi othe kumanje unaye eGqeberha la benomhlangano khona nabaphathi beChilli Boys.

“Uqeda kusayina nje manje. Anginaso isiqiniseko sokuthi iminyaka emingaki, kodwa ngizokutshela uma sengitholile. Kodwa mhlawumbe neqembu lizosho maduze nje,” kusho lo mthombo.

IChippa seyikuqinisekisile kwiTwitter wayo ukuthi nebala uHunt usengowayo. Ayizange ke kodwa ibalule ukuthi usayine isikhathi esingakanani.

Usihlalo weChippa, uSiviwe Mpengesi usedume kabi ngokuxosha abaqeqeshi kodwa kuthiwa uHunt usayine emvikelayo ekutheni kungamphindi okumenze kwiChiefs.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *