UHunt uthi akayi ndawo uBilliat

UGavin Hunt

OKADONGA GUMBI
Akayi ndawo! Lona ngumlayezo ovezwe ngeziphansi ngumqeqeshi weKaizer Chiefs, uGavin Hunt ngoKhama Billiat, athi usamdinga kakhulu eqenjini lakhe.
Sekuke kwavela amahlebezi okuthi uBilliat uyashiya kwiChiefs uma kuphela le sizini kwazise nenkontileka yakhe iyaphela.
Kunamahlebezi abemkhomba e-Egypt kwi-Al Ahly la kuthiwa ufuna ukuyophinde asebenzisane khona noPitso Mosimane owayemqeqesha kwiMamelodi Sundowns.
Abanye bebethi angase asuke eNaturena avundle neSoweto alibangise e-Orlando kwiPirates.
Kodwa kubukeka sengathi iqembu lizophoqeleka ukuba lenze konke ukumenza ahlale uma sebexoxisana ngenkontileka entsha.
UHunt ubengakasitholi esikhathi esanele sokusebenzisana noBilliat kwazise uhlushwa wukulimala.
“Sishode ngoBilliat, njengoba ubonile ebhentshini bengingenabo abadlali abangangena bashintshe umdlalo,” kusho uHunt ngemuva komdlalo wabo ne-Orlando Pirates ngeSonto.
UHunt uvumile ukuthi bake bacabanga ukumsebenzisa uBilliat kulo mdlalo omkhulukazi kodwa babuye banquma ukumonga.
Lesi sikhwishikhwishi saseZimbabwe sisanda kwelulama futhi sineviki elilodwa sizilolonga ngokugcwele neqembu eNaturena.
Nokho kuzothi kubuywa ekhefini leFIFA uzobe esekulungele ukudlala, ngokusho kukaHunt.
“Sizosebenzisa ikhefu ukuqinisekisa ukuthi abadlali bethu ababuya ekulimaleni bayangena egiyeni leqembu ngokuthi babe fithi.
“UBilliat no(Leonardo) Castro cishe sizobuya sebekulungele ngokugcwele ukuqala imidlalo,” kusho uHunt.
Inkulumo kaHunt ikucacisile ukuthi baningi abasazokhonjwa indlela uma kuphela isizini, belandela uSiphelele Ntshangase osevele wadedelwa kusasele izinyanga ezintathu inkontileka yakhe iphele.
Ukuthi akubeke esidlangalaleni ukuthi ubengenabo abanye abadlali ebhentshini ikhomba khona ukuthi iningi labadlali seliphelelwe yisikhathi eNaturena.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.