UHunt uthi kukhona la okusamele aqinise khona uZuma

USamir Nurkovic noDumisani Zuma

OKADONGA GUMBI

Akukhona ukuthi umqeqeshi weKaizer Chiefs, uGavin Hunt akachazekile ngoDumisani Zuma obe ngomunye wabadlali abagqamile ngesikhathi beshaya iMamelodi Sundowns ngo 2-1 kungazelele muntu ngempelasonto edlule.

Ijubane elinongwe ngomjiko kukaZuma kuzoxake kakhulu izitobha zeSundowns, kodwa uHunt uthi lo mdlali kukhona okusamele aqinise kukho ukuze abe ngomunye wabaqala imidlalo.

“Bangaki nje abaqeqeshi asebesebenze noZuma lapha?,” kubuza uHunt ngemuva komdlalo, kulandela ukubuzwa ngomuzwa wakhe ngalo mdlali odabuka eMgungindlovu.

UZuma ungene esuka ebhentshini ngaphambi kancane kokuba kuphele isiwombe sokuqala, evala indawo kaKhama Billiat olimalile.

Kwala kancane ukuba abhakuzise inethi elithinta okokuqala nje ibhola, kodwa washaya into ephuma phezu kwepali.

Nokho ulilungisile lelo phutha njengoba eshaye igoli lokuwina, elisize Amakhosi enze obekungalindelwe muntu – abe yiqembu lokuqala ukushaya iSundowns kwiligi kule sizini.

“Unekhono, wukuthi nje kunezinye izinto okumele azilungise. Uma engalungisa lapho, engadlala njalo. Kumele akwazi ukusiza iqembu noma engaliphethe ibhola.

“Useqala ukuba ngcono kulokho njengoba kubonakalile namuhla. Uyabona ukuthi uyavuka kancane nangegoli ishayile. Yilokho esikudingayo kuleli qembu, ukusiza noma singaliphethe ibhola,” kuchaza uHunt.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.