UHunt uthi ngeke asho lutho ngokuxoshwa kwakhe yiChiefs

UGavin Hunt
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Uphinde amazwi abewajwayele esengumqeqeshi weKaizer Chiefs uGavin Hunt oxoshwe ngoLwesihlanu kuleli qembu. Uxoshws nje sekusele imidlao emibili isizini iphele.

Yize kubethusile abanye abalandeli beChiefs lokhu, kodwa abanye bagiyile bathi liphume nobomvu njengoba bebengasamethembi ukuthi uzolisa phambili iqembu. UHunt ushiye uChiefs ilengela ezembeni kwiDStv Premiership kodwa uyifake kweyandulela owamanqamu kwiCAF Champions League.

Amakhosi akhipha isitatimende esifishane azisa umphakathi ngokwehlukana kwawo noHunt kungazelele muntu. Awenabanga ngezizathu aphinde akucacisa ukuthi ngeke asho lutho ngalolu daba.

NoHunt ushaye ngamafuthi uma ebuzwa ngokuxoshwa kwakhe. Ucashunwe yiPhakaaathi ethi ngeke asho lutho. “Angikwazi ukukhuluma ngakho,” usho kanje. Vele ke nagesikhathi engumqeqeshi weChiefs ubekujwayele ukukhuluma ngale ndlela.

Ubenokuhlale ethi kunezinto angeke akwazi ukukhuluma ngazo kwabezindaba. Lokhu bekubukeka kuwukukhomba umhlola eNaturena. Kungenye yezinto okuvela ukuthi zimdalele amazinyo abushelelezi kubaphathi beqembu.

Ngokuthi uzofesaphi njengoba esenguqhwayilahle nje, uHunt uthe: “Isizini iyaphela maduze nje ngakho angiboni kukhona okungenzeka manje.”

Kuthishwa uStuart Baxter ukuthi nguye ozothatha le msebenzi wokucija iChiefs kanti kuvela ukuthi ufuna ukufika noMolefi Ntseki obeyiphini lakhe esaqeqesha iBafana Bafana.

Okwamanje kubambe u-Arthur Zwane noDillon Shepard kuze kube kuqashwa umqeqeshi omusha. Kubhekwe ukuthi iChiefs zomqasha maduze nje umqeqeshi ukuze iye emdlalweni owandulela owamanqamu kwiChampions League ngoJuni 15 esekhona.
Email: Editor@impempe.com | Twitter: @impempe_com | Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *