UHunt uthi ukubumbana kuphela okuzobadlulisa kulesi simo esingesihle esibhekene neChiefs

UGavin Hunt weKaizer Chiefs

OKADONGA GUMBI

Uvike ukuzakhela irekhodi elibi umqeqeshi weKaizer Chiefs, uGavin Hunt enqoba kwi-Athletico Petro de Luanda emdlalweni weCAF Champions League ngoMgqibelo kusihlwa.

Amakhosi aye kulo mdlalo esedlale imidlalo eyisishiyagalombili ingayazi iwini, uHunt uthe leli akulona irekhodi abefisa ukuba nalo leli.

“Akekho ongathanda ukubekwa ichashaza elinjalo,” usho kanje lo mqeqeshi. IChiefs iyishaye ngo 2-0 iPetro Luanda kanti abengaba maningi lamagoli njengoba beyizenzela nje, lezi zimbangi zase-Angola zingakhombisi bungozi obutheni.

“Ngicabanga ukuthi sidlale kahle, kodwa bengikhathazeka kwesinye isikhathi ngoba bengibona ngathi umdlalo wethu omuhle awusizuzisi lutho. Nokho obekubalulekile ukunqoba,” kusho yena.

“Izinto zijikile sesithole igoli. Nangeviki elidlule la sihlulwe khona ngo 4-0, sibe nawo amathuba okushaya amagoli abengawuhloniphisa umphumela. Nanamuhla kuke kwabukeka sengathi sizophinda sihluleke ukusebenzisa amathuba.”

Amakhosi adonsa kanzima kule sizini njengoba esheshe awashiswa ijezi emiqhudelwaneni yezindebe iMTN8 neNedbank Cup, kanti nakwiDStv Premiership amathuba okwenza kangcono asemancane kakhulu.

“Sibhekene nezikhathi ezinzima, futhi siyabambana ukudlula kuzo. Akulula neze. Ngiyazazi izizathu zalokho. Kumele kuqhutshekwe, kumele sibambane, sibe nombono owodwa bese sikholelwa kuwo.

“Silahle imidlalo eminingi, ngisho kade sesihamba phambili kwesinye isikhathi. Nanamuhla ngike ngasola ukuthi kuzokwenzeka kanjalo.

“Kuningi osekwenzekile, kodwa kumele sivele sibumbane sizame ukuqeda le sizini,” kuchaza uHunt.

Amakhosi awazukuba nesikhathi sokudonsa umoya njengoba ebuyela enkundleni ngoLwesithathu emdlalweni weDStv Premiership. Ngemuva kwawo azobe eselibangisa e-Angola ayophinda nePetro de Luanda ngoMashi 16.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *