UHunt uthi uwine engalindele njengoba iChippa ingakahlangani kahle

UHunt uthi uwine engalindele njengoba iChippa ingakahlangani kahle
Abadlali beChippa United
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weChippa United uGavin Hunt, uthi ubelindele ukuthi kube nzima ukuwina ngesikhathi bebhekene neSekhukhune United ngoMgqibelo.

IChilli Boys iwine lo mdlalo wokuqala wayo wesizini ngo 1-0 kodwa uHunt ukholwa ukuthi basangenza kangcono, ikakhulukazi uma sekubuye abadlali abebengekho ngoMgqibelo.

“Bengilindele umdlalo onzima ngenxa yesimo sethu sokungabi nabo abadlali,” kusho lo mqeqeshi obekwiKaizer Chiefs ngesizini edlule.

“Bayisikhombisa noma isishiyagalombili abebengekho ebesingaqala ngabo umdlalo. Besinqindekile ngempela ekwenzeni izinguquko ikakhulukazi phambili.”

Lo mqeqeshi ungene emsebenzini onzima kwiChippa eyaziwa ngokusheshe ixoshe abaqeqeshi uma izinto zingahambi kahle.

Nokho kumele ukuthi weneme ngamaphuzu amathathu azokwenza kwehle ingcindezi kuye. Uthe abadlali balilandelile iqhinga abebanike lona.

“Bonke abadlali benze njengoba besihlelile. Siyazi ukuthi usemkhulu umsebenzi osihlalele njengoba siqhubeka sibheke phambili.

“Ukuqala ngokuthola amaphuzu amathathu ikakhulukazi uma ubuka isimo sethu, kuyinto enhle kakhulu. Kumele
sakhele phezu kwalokhu.

“Sidlale ngokubambisana njengeqembu futhi sivimbe kahle emuva. Abanye balaba badlali ngisasebenze nabo isikhathi esincane kakhulu.

“Sidinga ukuthi kubuye abadlali bethu abebengekho ukuze sikwazi ukukhetha kwabaningi. Kona kuyinto esihluphayo kodwa siyazama ukusebenza sibheke phambili,” kusho uHunt.

IChippa kumele izame ukuhlangana kangcono ngoba emdlalweni olandelayo izobhekena nompethe beligi, iMamelodi Sundowns.

AmaBrazilians awuqale kahle umshikashika wokuvikela isicoco sawo njengoba eshaye AmaZulu ngo 1-0 ngoLwesihlanu.

“Indlela engifuna iqembu lidlale ngayo akuyona le esidlale ngayo namuhla (ngoMgqibelo). Okwamanje okubalulekile ukuthola amaphuzu.

“Akusho lutho ukuthi udlala kanjani, ungadlala ibhola elihle kodwa udinga amaphuzu. Sidinga amaphuzu futhi kumele sizame ukuthola amaningi ngendlela esingakwazi ngayo.”

Nosihlalo weqembu, uSivuyile “Chippa” Mpengesi uveze injabulo yakhe ngemuva kokuthi bewinile, wathi wethemba ukuthi yisizini yabo le.

“Kuhle lokhu. BengiseMakhulong futhi ngijabule ngomphumela womdlalo. Ungethusile lo mphumela uma ngibuka indlela ebesizilungiselele ngayo le sizini.

FUNDA NALA: Inkakha yeSundowns yeluleka uKekana ukuthi angazibulali ngokushiya kuleli qembu

“Singabaphathi beqembu sinqume ukwenza izinto ngendlela ehlukile kulokhu. Phela awukwazi ukulokhu wenza izinto ngendlela efanayo kodwa ulindele imiphumela ehlukile,” ucashunwe esho kanje kwi-www.inksport.co.za.

“Umqeqeshi wethu uGavin Hunt uhlanganise iqembu kabusha. Ngijabule ngaye. Abaningi bethuka ukumbona ezinikela eqenjini elinezinkinga ngemuva kokuqeqesha iqembu elifana neKaizer Chiefs.

“Sifuna enze lokhu akwenza kwiSuperSport United nakwiBidvest Wits ngakho simnike lonke igunya lokusayina abadlali.

“Bekunzima ukubona umdlali ofana no-Andile Mbenyane osehlale eqenjini isikhathi eside ehamba kanjalo nje.

“Kodwa bekuyisinqumo somqeqeshi futhi wachaza ukuthi akananxa nabo kodwa ukuthi abekho ezinhlelweni zakhe.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.