Ujabule ngendondo, kodwa isibalo samagoli sisamkhalisa uGrobler

Bradley Grobler of SuperSport United
UBradley Grobler
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ukholwa ukuthi ubengahlohla amagoli angaphezulu kuka-20 umgadli weSuperSport United, uBradley Grobler, okhale wemuka neLesley Manyathela Golden Boot Award ngesizini ka-2020/2021.

UGrobler, oqale isizini kahle eyibhakuzisa inethi, ugcine eshaye amagoli angu-16 emidlalweni engu-26 yeligi ayidlalile ngesizini esanda kugoqwa.

“Ngicabanga ukuthi ngigeje inqwaba yamagoli. Yize ngishaye amagoli angu-16 kodwa maningi amathuba engiwayekile abengangenza ngibe namagoli angaphezulu kwangu-20.

“Yinto enhle kona ukuthi umgadli athole amathuba ngoba lokho kusuke kusho ukuthi iqembu lenza kahle, liyawakha amathuba,” kusho uGrobler.

“Ngiyajabula uma ngishweba amathuba okusho ukuthi kukhona okuhle esikwenzayo. Lokho kuchaza ukuthi kumele ngisebenze kulokho ngizame ukusebenzisa amathuba engiwatholayo, ngithole amagoli angu-20.”

UGrobler uke waphazanyiswa ukulimala kancane kule sizini nokungesinye sezizathu ezenze wathi ukuphazamiseka emgqigqweni wakhe wokushaya amagoli.

Nokho kule sizini akubanga kubi kakhulu uma kuqhathaniswa namasizini edlule lapho ebelimala khona ahlale izinyanga engadlali. “Ngizizwa ngikhululekile ekugcineni.

“Bekulokhu kuyiphupho lami isikhathi eside ukuwina umklomelo womgadli ohamba phambili. Bengilokhu ngisondela ekwenzeni lokho izikhathi ezimbalwa kodwa ngigcine ngingawinanga. Ekugcineni sengikwenzile. Ngiwumgadli ohamba phambili futhi kwehla kamnandi lokho,” kusho uGrobler obezwakala esese.

“Ngijabule kodwa ngangizebekele ukushaya amagoli angu-20. Angifikanga lapho ngenxa yezizathu eziningi ezihlukene. Nokho ngizwa isisukile ingcindezi kimi ngoba sengilifezile iphupho. Mhlawumbe ngesizini ezayo ngingaphusha kakhulu ngifinyelele emagolini angu-20.”

ISuperSport iyiqale kahle isizini isemshungwini wamaqembu abejaha isicoco. Nokho abuye akhumuka amasondo endleleni yazithola yehla kwilogi. UGrobler ubona bengenzanga kabi kakhulu.

“Ngicabanga ukuthi njengeqembu senze kahle kakhulu. Maphakathi nesizini besisendaweni yesibili, senza kahle, zase zishintsha izinto. Iqembu lizamile ukuthi lihlangane, libumbane likholwe ukuthi lingawubuyisa umgqigqo walo.

“Ngicabanga ukuthi siyishintshile indlela esidlala ngayo kancane. Bekuthembisa ukubona ukuthi ozakwethu bakuthatha kanjani lokho. Siqede kahle sesidlala kahle yize singawatholanga amaphuzu ebesiwafuna.

“Kodwa ngikholwa ukuthi besidlala kahle nokuyinto esizoyithatha siye nayo kwisizini ezayo,” kuphetha uGrobler.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.