Ujabule ngomphumela, kodwa ubefuna amagoli amaningi oweSwallows

USibongiseni Mthethwa noDaniel Gozar

OKADONGA GUMBI

Ukudlala neqembu elizingelwa yizembe kuhlale kuzokunika cishe owodwa kule miphumela – ukuthi ukubhaxabule kanzima, noma likushaye kungazelele muntu.

Yingakho nje umqeqeshi weSwallows FC, uBrandon Truter ebebheke amagoli amaningi kunaleli elilodwa abalishaye behlila iBlack Leopards emdlalweni weDStv Premiership eDobsonville Stadium ngeSonto ntambama.

Ibidilida iLidoda Duvha ifuna ukuphuma okungenani nephuzu kulo mdlalo, kodwa lwagcina lugobile uphondo ngomzuzu ka-62, iDube Birds ithola iphenathi, uDaniel Gozar wayinamathisela enethini.

“Kuhlezi kunzima uma ubhekene neqembu elihlezi ngasemsileni, iqembu elilwela ukungagawulwa yizembe,” kusho uTruter ngemuva komdlalo.

“Uma ubheka ngesizini edlule, iLeopards iqale ngalesi sikhathi sesizini ukuqoqa amaphuzu. Besazi kuzoba nzima, kodwa besinokwezethemba ngoba besisekhaya.

“Asikehlulwa la ekhaya – besazi singawathola amaphuzu. Bengilindele amagoli amaningi, kodwa ke kumnandi ukuba namaphuzu amathathu,” kuqhuba mqeqeshi oneminyaka engu-43.

Ngaphambi kwalo mdlalo, iSwallows beyingenelwe amagoli ayisishiyagalombili emidlalweni yayo emihlanu edlule, kanti uTruter uthi ukujabulele ukuthi bangangenelwa igoli.

“Ukungangenelwa yigoli yinto emnandi, ngakho sekuzomele sakhele phezu kwakho. Ngeke ngiqambe amanga, bekunzima. Bebesicindezele.

“Kodwa indlela yabo yokudlala yenze kwaba lula kithi, ikakhulukazi ngesiwombe sesibili, ukuthi sibalawule esiswini,” kuchaza uTruter.

ISwallows isiyoze ibuyele enkundleni ngo-Ephreli 20, la izovakashela khona iBloemfontein Celtic eDr Petrus Molemela Stadium emdlalweni wePremiership.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.