Ujabule uJomo weBay kanti kumnyama kuJomo weCosmos

Sihle Ndlovu

Ukusongwa kweGladAfrica Championship ka-2021/2022, kuze nenjabulo kuJomo Biyela ongusihlalo weRichards Bay FC, kwase kuba ukukhala nokugedla kwamazinyo kuJomo Sono, usihlalo weJomo Cosmos.

INatal Rich Boyz yenze uBiyela walala ejabule ngeSonto ngesikhathi iba ngompetha beChampionship, nokuchaza ukuthi leli qembu selizodlala kwiDStv Premiership ngesizini ezayo.

Ngaleso sikhathi uSono ubesedlalela ukugcina icala nje ngoba ubesazi ukuthi iqembu lakhe liyogijima kwi-ABC Motsepe League ngesizini ezayo, kulandela  ukudliwa yizembe kwiChampionship.

UBiyela uzwakalise okukhulu ukujabula ngemuva kokuthi iqembu lakhe libambane neCape Town Spurs ngo 0-0 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeSonto.

“Siyajabula ukuthi silapha namuhla nokuthi abalandeli baphume ngobuningi ukuzoseseka. Seneme futhi ngokuthi abadlali bethu benze saziqhenya ngabo,” kusho uBiyela.

“Ngesizini edlule edlule kwaba ukuphoxeka okukhulu kodwa namuhla siyabhiyoza.”

IBay idlale kahle ngesizini edlule kodwa yayilahla ekugcineni nokwenze ukuthi iqede isendaweni yesithathu kwilogi. Akuhambanga kahle nasemidlalweni yokuhlunga.

“Esikushilo kubadlali ukuthi abakhohlwe okwenzeke ngesizini edlule. Sibatshele ukuthi sizobeseka sibanike ithimba labaqeqeshi elikahle elizobaqonda,” kuchaza uBiyela.

“Senze isiqiniseko ukuthi nathi siba khona ukubeseka, sabanika namabhonasi amahle. Yingakho silapha namuhla.”

Ukunyuka kweBay kuchaza ukuthi iKwaZulu-Natal isizoba namaqembu amahlanu kwiDStv Premiership kusukela ngesizini ezayo.

“Siyiqembu elihlelekile futhi sinokwesekwa okuhle kubalandeli bethu nakubaxhasi. Amanye amaqembu awakutholi ukwesekwa abalandeli njengathi kodwa buka nje lapho sikhona namuhla.

“Esikubheke kakhulu ukubuyela enkundleni yethu eRichards Bay ngoba kule sizini sidlale imidlalo yethu engu-29 ekuhambeni.

“Kuyinto enkulu ukuthi sekuneqembu elidlala kwiPremiership eRichards Bay. Uyazi kukhona neDiski (DStv Diski Challenge) okuchaza ukuthi sizovundulula ikhono endaweni yakithi.”

UBiyela akakhohlwanga ukubonga uMasipala waseMhlathuze ngokungayeki ukubeseka njengeqembu. Udaba lukaJomo onguBiyela luhluke kakhulu kunolukaJomo onguSono.

Omunye uJomo ubheke ukuhlala kwiPremiership angasabuyeli emuva kanti omunye ubhekene nesimo sokungaphinde abuye ehlathini.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *