Ujabule wabuya nganeno uMasutha iCallies ibhubhudla iSpurs

Ujabule wabuya nganeno uMasutha abafana bakhe behudluza iSpurs
U-Edmore Chirambandare
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Kudingeke ukuthi asheshe akhumbule ukuthi lena yiwini yabo yesibili nje emidlalweni eyisishiyagalombili umqeqeshi wePrerotia Callies uJoel Masutha.

UMasutha ujabule wabuya nganeno ngesikhathi ezakhe ziqeda ukubhubhudla iCape Twon Spurs ngo 6-1 emdlalweni weGladAfrica Championship ngeSonto ntambama.

Le wini bekungeyesibili kwiRomans kanti iyikhuphulele endaweni yesishiyagalolunye njengoba seyinamaphuzu ayishumi.

Isilele ngamahlanu kwi-University of Pretoria okuyiyo ezihola phambili kule ligi okwamanje.

“Bekuwumdlalo onzima yize umphumela usho okuhlukile. NGifisa ukuncoma abadlali ngokuqhubeka nokuzikhandla,” kusho uMasutha ngemuva komdlalo.

“Besihlezi siwakha amathuba kodwa engasebenziseki ngendlela kodwa besilokhu sisho ukuthi lilodwa ilanga la siyowawohloza khona amagoli.

“Namuhla sikwazile ukushaya ayisithupha. Ngingumqeqeshi ohlezi efuna okungaphezulu kubadlali, ngifuna benze kangcono.

“Kodwa ngethemba ukuthi ngeke sizinyukelwe amakhanda ngenxa yalo mphumela bese siqale sizibone siyinto ethile.

“Lo mphumela muhle futhi mkhulu impela kodwa usinika amaphuzu amathathu kuphela,” kuchaza yena.

Uthe unethemba lokuthi sebezowubamba umgqigqo bengabe besawudedela ukuze beqale benyuke kwilogi.

“Luselude ukhalo okumele siluhambe. Sisekude futhi namaqembu azihola phambili.

“Sizobhekana nomdlalo ngamunye kodwa ngijabule ukuthi sishaye amagoli ayisithupha namuhla.

“Ngikholwa wukuthi lo mphumela uzosifakela umdlandla usibonise ukuthi yini esingakwazi ukuyenza uma siqhubeka nokuzikhandla.

“Sizozama ukubakhumbuza ukuthi lo mdlalo sewudlulile futhi ngeke usasisiza, sesibheke ezayo manje.

“Sinemidlalo emibili enzima ekuhambeni eThekwini… sizobhekana noThongathi neRichards Bay.

FUNDA NALA: ISundowns ibanjwe isithi iwinile kwiChampions League

“Yimidlalo enzima lena. UThongathi luhlanganise abafana abahle kanti uPapi Zothwane (umqeqeshi) uyaziwa ngokudlala ibhola elidla utshani.

“Iqembu lakhe lidlala ngale ndlela yena ayedlala ngayo, kuzoba wumdlalo onzima kakhulu,” kusho uMasutha.

UThongathi nalo luthole iwini enhle njengoba lushaye iPolokwane City ngo 3-1 ekhaya eThekwini ngalo iSonto ntambama.

Imiphumela yeGladAfrica Championship ime kanje:

TS Sporting 1 Venda Football Academy 1; Tshakhuma 0 HUngry Lions 0; Black Leopards 0 JDR Stars 1; CT All Stars 0 Richards Bay 0; FS Stars 1 University of Pretoria 2; Platinum City 0 Jomo Cosmos 0; Uthongathi 3 Polokwane City 1; Pretoria Callies 6 CT Spurs 1

Leave a Reply

Your email address will not be published.