Ujabulise okwengane iphiwe uswidi umgadli weChippa United u-Eva Nga eshaye igoli

UBienvenu Eva Nga weChippa United

MTHOKOZISI MNCUSENI

Limkhululile emoyeni igoli alishaye bedlala neBloemfomtein Celtic umgadli weChippa United uBienvenu Eva Nga kangangoba akasadeli ukukhuluma ngalo.

Kufanele ke nokho kwazise ibisimbulele indlala yamagoli obekumenza agcine esezenyeza ngoba uyazi iqembu liwabheke kuye amagoli.

Lo mgadli uhambela phezulu kwazise igoli lakhe yilona elibuye nephuzu eDr Molemela Stadium becazelana ngamaphuzu neBloemfontein Celtic ezinsukwini ezimbalwa ezidlule.

U-Eva Nga, ofike kuleli ezodlalela iBidvest Wits, uzimisele ngokuqhubeka ashayele iqembu lakhe amagoli amqoka ukuze lizokhululeka lidlale ngendlela elifisa ngayo.

“Konke kuhambe kahle kuleli sonto. Bekumnandi kakhulu sihlelela umdlalo wethu neGalaxy. Siwulindele umdlalo futhi siyazi ukuthi iGalaxy ayizele ukuhleka nathi la.

“Uma sizimisele ngokukhuphuka kwilogi imidlalo efana nale kumele siqinise kuyona. Akukona ukuthi iGalaxy ngiyibukela phansi kodwa ngiyakholelwa ekutheni uma singadlala ngendlela esidlale ngayo kwiCeltic nakanjani singawaqoqa egcwele lapha,” kusho lo mgadli.

Uthi iGalaxy ithi ayifane nabo ngakho imidlalo enjalo imqoka ngoba nalaba osuke udlala nabo basuke bewabheke kuwena amaphuzu.

“Akufanele nakancane sizithambise ngoba sizozithola sisenkingeni ngempela. Sidlalela ekhaya ngakho kumele kucace zisuka lokho. Indaba yamagoli iyinkinga kodwa njengoba sengiqalile kwiCeltic ngiyakholwa ukuthi azoqhamuka amanye.

Uma sithola igoli thina bagadli nakanjani iqembu likhulelwa ukuzethemba bese kuba yima siqala ukudlala ngendlela esithanda ngayo.”

Lo mgadli uthi akanandaba nalaba abathi kungani ejabulele igoli lokulinganisa ngaleya ndlela uthe: “Yimina ngedwa engaziyo ngaphakathi ukuthi kwenzekani. Bonke abanye bangakusho abakuthandayo,” kusho yena.

Uthe kumele bayenze isitebhisi sokunombela babheke ezintweni ezinhle i-TS Galaxy abazodudulana nayo emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, eNelson Mandela Bay Stadium.

Email: mthokozisi@impempe.com – Twitter: @MthokozMncuseni

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *