UJacobs weNatal Rich Boyz angase agqame kwiDStv Premiership

UMacolm Jacobs
Sihle Ndlovu

UMalcolm Jacobs, ongunozinti weRichards Bay FC, ungomunye wabadlali abashaye into ecokeme ukuqinisekisa ukuthi iqembu linyukela kwiDStv Premiership.

Lo nozinti ubevimba kwasani futhi kulindeleke ukuthi aphinde aqhubeke kanjalo njengoba iqembu lizoyibamba kwiPremiership ngesizini ezayo. INatal Rich Boyz ibe ngompetha beGladAfrica Championship ka-2021/2022, yaqonda ngqo kwiPremiership. UJacobs angase agqame kwiPremiership uma kubukwa amava akhe.

Baningi abanye abadlali abenze kahle kwiBay kodwa uJacobs ubefike avimbe amabhola anzima sekuvalwe amehlo. Lo nozinti uthe kuningi obekwenzeka emiqondweni yabo emasontweni okugcina esizini.

“Nakanjani bekulokhu kukhona emiqondweni yethu (okwenzeka ngesizini ka-2020/2021) njengoba bese siya emasontweni okugcina esizini,” kusho uJacobs ngemuva kokunyukele kwiPremiership.

“Besilokhu sithola umbuzo wodwa isizini yonke ukuthi sizokwazi yini ukushaya intambo kulokhu. Emdlalweni wokugcina besifuna ukuwina kodwa kwangenzeka.

“Nokho siyajabula ukuthi emdlalweni wokugcina besinabalandeli bethu ababe nesandla esikhulu ukuthi siphumelele. Siyajabula ukuthi senze abalandeli baKwaZulu-Natal nabaseRichards Bay baziqhenya ngathi.”

Emdlalweni wokugcina iNatal Rich Boyz ibambane neCape Town All Stars ngo 0-0, kanti uJacobs uphinde wadlala kahle evimba amagoli anzima.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.