UJele ufuna bathobe abalandeli be-Orlando Pirates amanxeba ngeConfed Cup

UJele ufuna bathobe abalandeli amanxeba ngeConfed Cup
UHappy Jele
OkaDonga Gumbi

Kuleli, i-Orlando Pirates izoqeda isizini ishwiba izandla njengoba yehluleke kuzo zonke izindebe. Kodwa lisekhona ithemba lokuthi ibe nakho ezokukhomba ukuthi ikuzuzile kule sizini.

IPirates seyilufakile unyawo olulodwa emdlalweni wamanqamu kwiCaf Confederation Cup kanti yiyo le ndebe engavala ngayo ihlazo.

EZimnyama zagila izimanga ngempelasonto edlule zishaya i-Al Ahli Tripoli yaseLibya ngo 2-0 isekhaya. Osekusele wukuthi iqedele umsebenzi ekhaya e-Orlando Stadium ngeSonto ntambama.

Yingakho ke ukaputeni weBhakabhaka, uHappy Jele ethi akumele badembesele kodwa bazibambe ziqine kulo mdlalo oqala ngo 6 kusihlwa.

“Ngicabanga ukuthi kubalulekile ukuthi sizikhandle ukuze siphume nomphumela omuhle,” kusho uJele ngaphambi kwalo mdlalo.

“Emdlalweni odlule sikwazile ukukwenza lokho, saphuma newini ebalulekile. Ngakho manje sesidlala ekhaya futhi kumele siqinisekise ukuthi siyawina.

“Sifuna ukuqinisekisa ukuthi siyangena esigabeni esilandelayo. Singabadlali kumele sizibambe ziqine futhi sibambisane.

FUNDA NALA: IStellies asikholwanga sidlisa iSundowns umuthi ehlale iwufunza abanye

Ngeke kube wumdlalo olula neze kodwa siwulungele ngokuphelele,” kuchaza le nsizwa esineminyakanyaka idlala kuleli qembu laseSoweto.

Uthe njengoba besanda kubuya nje abalandeli akumele babaphoxe, kodwa kumele baqinisekise ukuthi baphuma enkundleni bemoyizela.

“Kuyasiqgugquzela ukubona abalandeli bethu enkundleni. Yize bebengekho besihlezi sidlalela bona ngoba besazi noma besemakhaya bayaseseka.

“Manje sesifikile isikhathi sokuthi sibajabulise kahle besibuka bukhoma. Kumele siwunqobele bona lo mdlalo,” kusho uJele. 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.