UJele uncoma abePirates ngempi abayikhombise behlula iSauora

UJele uncoma abePirates ngempi abayikhombise behlula iSauora
UBandile Shandu
OkaDonga Gumbi

Uncoma ubuqhawe babadlali, nokucophelela kwabaqeqeshi ekulungiseleni umdlalo uHappy Jele we-Orlando Pirates ewine kunzima kwiJeunesse Sportive de la Saoura.

Uma ubheka umphumela kuphela ungazitshela ukuthi iBucs ibizitshumuzela kuleli qembu lase-Algeria emdlalweni weCaf Confederation Cup.

Nokho iPIrates ibithwele kanzima futhi kudingeke iwakhiphe wonke amangwevu ukuze iphume namaphuzu agcwele kulo mdallo obuse-Orlando Stadium ngeSonto ebusuku.

“Silwile,” kusho ukaputeni weBucs uJele ngemuva kwalo mdlalo. “Bekungumdlalo onzima impela lona, laba bantu bebebahle kakhulu.

“Kusize ukuthi besiwenzile umsebenzi wethu wokuzilungiselela ngaphambi kwawo – sibahlaziye kahle ngesikhathi sizilungiselela.

“Siwasebenzisile amathuba esiwatholile,” kusho yena. UJele nguye oshaye igoli lokuqala umdlalo usanda kuqala.

Elesibili lishaywe nguBandile Shandu ngasekupheleni komdlalo. Nakhona bebephuma ngembobo yenaliti odongweni lwasemuva lweSauora.

FUNDA NALA: UMngqithi ukhathazekile ngomdlali olimale esebuyela efomini

“Besazi ukuthi abakwazi ukuvimba kahle uma kunamabhola abekwe phansi endaweni esondele emapalini abo.

“Babuthaka kulokho yingakho ithuba lokuqala lebhola elibekwe phansi sivele salisebenzisa sashaya ngalo igoli.

“Lokho kube kuhle ngoba yinto ebesizicija kuyo ejimini. Kuhle ukuthi sikwazile ukukwenza ebesikuyalelile.”

Kuthe noma sebehamba phambili ayangazibeka phansi iSauora njengoba nayo beyike ifike emapalini eBucs kuvalwe amehlo.

“Silwe kwaze kwaba sekugcineni… sizitshelile ukuthi kumele nasesiwombeni sesibili silithole igoli ukuze siqed engalo mdlalo.

“Lokhu bekuzosisiza sikwazi ukukhululeka sidlale ibhola lethu ngendlela esifuna ngayo. UShandu ulishayile lelo goli futhi sijabule kakhulu ngalokho.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.