UJele uweze iPirates kwiConfed Cup

Ujele uweze iPirates kwiConfed Cup
Abadlali be-Orlando Pirates
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Igoli likaHappy Jele alishaye esiwombeni sokuqala e-Orlando Stadium yilo eliweze i-Orlando Pirates kwiCAF Confederation Cup.

IPirates idlulele esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano kulandela ukuwina ngo 1-0 ishaya iDiables Noir yaseCongo-Brazzaville ngeSonto kusihlwa.

Leli qembu laseSoweto belidinga ukuwina njengoba belidlale ngokulingana ngo 0-0 emdlalweni womlenze wokuqala ekuhambeni.

IPirates iwuqale kahle lomdlalo ikhombisa ukuthi isekhaya njengoba bekuyiyo ebiphethe ibhola iliphaselana kamnandi.

Negoli isheshe yalithola njengoba kuthe ngomzuzu ka-17 uJele walingqofela enethini ibhola ebeligotshwe kade kuyikhona.

Iwakhile amanye amathuba iPirates ngemuva kwaleli goli futhi bekumele ngabe iye ekhefini asiwashayile amanye amabili.

Nesiwombe sesibili isiqale kahle njengoba iqhubekile nokuphatha umdlalo kuthi noma iDiables ithi iyahlasela bakwazi ukuyimaka.

IPirates ibisidlala ngegeja kuziliwe njengoba iDiables igcine seyinyukelwa wukuzethemba yazi ukuthi uma ingathola igoli lokulinganisa kungadlula yona iye esigabeni samaqoqo.

Beyisinokuhlasela ngokukhululeka ngasekupheleni komdlalo njengoba ibibona ukuthi iPirates idlala ngawo amathuba ayo.

IPirates beyingalithola igoli lesibili kanti neDiables ibingalinganisa ngendlela ebese kushesha ngayo ngasekupheleni komdlalo.

Leave a Reply

Your email address will not be published.