UJettoo weMaritzburg ucacisa ngesizathu sokudedela izibabuli zabo

UJettoo weMaritzburg ucacisa ngesizathu sokudedela izibabuli zabo
UQuinton Jettoo
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Isikhulu seMaritzburg United, uQuinton Jettoo sesicacise ngezizathu ezenze badedela izibabuli zabo zabadlali ezisize iqembu kutshekile ngesizini edlule. IMaritzburg isanda kudayisa uThabiso Kutumela kwiMamelodi Sundowns ngemali engadalulwanga kodwa okuhlawumbiselwa ukuthi ingaphezu kuka-R10-million.

Ngaphambi kwalokhu, iMaritzburg ishiywe ngoKwanda Mngonyama noBandile Shandu asebesayinwe yi-Olrando Pirates, yaphinde yahanjelwa nguMxolisi Kunene osekhonjwa kwiGolden Arrows. Laba abathathu bahambe mahhala njengoba bese kuphele izinkontileka zabo.

“Siyiqembu elingenabo abaxhasi, lokho kuyaziwa ngakho kumele sidayise abadlali ukuze sikwazi ukuba nemali yokuqhubeka neqembu sigcine nezindleko,” usho kanje uJettoo ekhuluma nabe-Inanda FM ngempelasonto.

“Akuyona into entsha le. Sengineminyaka engu-15 ngikwiMaritzburg futhi unyaka noyaka sihlezi sidayisa. Ukudayisa yikho okusenza sikwazi ukuqhubeka nokuphatha iqembu, sikwazi ukukhokhela abadlali nezinye izindleko.

“Ngebhadi, kuze kube sithola abaxhasi, sizoqhubeka nokudayisa. Kodwa lokho sizokwenza ngobuhlakani ukuqinisekisa ukuthi sisala nabo abadlali abambalwa abazomisa iqembu,” kuchaza uJettoo.

Ube esembonga uKutumela ngakwenzele iqembu kusukela asayina kulo ngokugcwele ngo-2019. Lo mgadli odabuka eMokopane, eLimpopo, ushaye amagoli angu-12 ngesiziniedlule la leli qembu belidonsa kanzima kakhulu.

“UKutumela udlale enkulu indima ngesizini edlule njengoba eshaye amagoli angu-12 asisizile ukuthi sisinde ezembeni. Kusukela samthola ngoJanuwari ka-2019, usisize kakhulu kule minyaka emibili nohhafu awuhlale kithi. Siyambonga ngalokho.”

UJettoo ube esechaza nangokudedelwa kukaShandu okhulele kulo leli qembu laseMgungundlovu. Kumangazile ukuhamba kwakhe mahhala.

“Abadlali abafana noBandile… wafika kithi esengumfanyana oqoqa amabhola eneminyaka engu-13 kwaze kwaba usayina inkontileka yakhe yokuqala esena-15. Usisizile kakhulu kule minyaka abelapha kithi ngayo.

“Kodwa ngicabanga ukuthi bese kufike isikhathi sokuthi akhule. Uma sewuhlale eqenjini iminyaka eyisishiyagalombili kufika isikhathi sokuthi uyozama kwenye indawo. Wasichazela ukuthi sekuvele elinye ithuba futhi uyafisa ukuyolizama.

“Asibanga nankinga nalokho, samvumela. Siyiqembu elingamvimbi umdlali uma esefuna ukuhamba ikakulukazi uma ezikhulisa ngalokho. Siswele imilomo eyizinkulungwane esingambonga ngayo nabo bonke abanye abadlali asebehambile eqenjini.

FUNDA NALA: UKhanyisa ubhalele umphathi weRichards Bay incwadi yokumbonga eseshiya

UJettoo uthe wethemba ukuthi iPirates izophinde ibakhumbule uma kuwukuthi inquma ukuphinde ibolekise ngaye uTebogo Thlolane. Lo mdlali wasophondweni lwesinxele ubengomunye wabenza kwahle kwiBue Hearts ngesizini edlule.

“UThloane besimbolekwe yiPirates futhi ekupheleni kwesizini simdedelile wabuyela kuyo. Kumanje ukuyo. Singathanda ukuthi abuye kodwa lokho kuncike kwiPirates. Sizolinda ukuzwa ukuthi iPirates iyamdedela yini futhi noma yenze njani. Thina singajabula kodwa ukuphinde sibe naye.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.