Ujike indlela yokwenza uTruter ukubuyisela Usuthu emgqigqweni

Ujike indlela yokwenza uTruter ukubuyisela Usuthu emgqigqweni
OkaDonga Gumbi

UBrandon Truter ujike indlela akenza ngayo izinto kuMaZulu FC la obengumqeqeshi ngaphambi kwakhe uBenni McCarthy ubengasezwani kahle nabadlali ngenxa yendlela abenza ngayo.

Kuvela ukuthi isandla esiqinile ebesikhonjoswa uMcCarthy kuleli qembu yiso esimenzele wanzima kakhulu umsebenzi wakhe.

Lo mqeqeshi ubenokuthetha aphinde agxeke abadlali esidlangalaleni ethi abekho ezingeni alidingayo yena uma izinto zibhimbile.

Yingakho ke uTruter – obekwiSwallows ngasekuqaleni kwesizini – ejike indlela yokwenza njengoba ethi yena uyabahlonipha abadlali.

“Mina njengomqeqeshi ngenza isiqiniseko sokuthi abadlali bayayizwa lento engifuna bayenze,” usho kanje uTruter.

“Ngicabanga ukuthi indlela obaphatha ngayo abadlali ibalulekile. Kumele ube nobudlelwano obuhle nabadlali.

“Kwesinye isikhathi amaqhinga namacebo okudlala akumele kuhambe phambili, kodwa ubudlelwano nokuphathana okumele kube kuhle. 

“Abadlali nabo bangabantu, banemizwa futhi kumele sihloniphane futhi silalelane uma sibeka imibono. 

“Uma ungumqeqeshi kumele ufike ubazise okufunayo bese ubabuza ukuthi bazizwa kanjani ngalokho. 

“Ubanike nabo inselelo namandla okuba nemibono ngendlela okwenziwa ngayo izinto. Lokho kuba yisiqali esihle. 

“Sengithemba ukuthi sizoqhubeka nale ndlela yokwenza izinto nobudlelwano obuhle,”  kuchaza lo mqeqeshi oteketiswa ngelikaBrakkies. 

FUNDA NALA: USirino uthi bakhathele ukuba yizimpelesi kwiChampions League

UTruter uzodlala umdlalo wakhe wesibili kusukela athatha izintambo zokupheka leli qembu uma selibhekene neMaritzburg United.

Lo mdlalo womkhaya baKwaZulu-Natal uzoba seMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

“IMaritzburg iyiqembu elihle kakhulu. Lo mqeqeshi abanaye (u-Ernst Middendorp) ubenza babe yiqembu elihlelekile futhi okunzima ukudlala nalo.

“Uma ubheka indawo abakuyo kwilogi uyabona ukuthi basengozini yezembe. Amaqembu akulesi simo ahlezi eyinkinga uma udlala nawo. 

“Sikubonile lokho kade sibhekene neBaroka… Kuzoba wumdlalo onzima impela. Kodwa abafana bami bawulungele, futhi umdlalo womkhaya lona kanti thina sifuna ukubusa eKZN. 

“Sisazodlala eminye imidlalo yokhaya emibili ngemuva kwalona. Emithathu edlule phakathi kwaMaZulu neMaritzburg iphele zibambene ngakho sifuna ukukuqeda lokho.” 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.