UJohnson ucebisa amaqembu amakhulu kuleli ngokulahla amasiko awo

UJohnson ucebisa amaqembu amakhulu kuleli ngokulahla amasiko awo
UCavin Johnson obeyiphini likaPitso Mosomane kwi-Al Ahly
Alfred Ngubane

UCavin Johnson usehlonze inkinga eyenza amaqembu amakhulu kuleli egcine edunguzela nengoba kwenzeka kwizinkunzi zaseSoweto.

Lo mqeqeshi ubeyiphini likaPitso Mosimane kwi-Al Ahly yase-Egypt, uthi into eyenza leli qembu lihlale liphezulu wukuthi aligudluki esikweni layo.

“Noma ngabe ubani umqeqeshi, kodwa isiko leqembu alijiki. Umqeqeshi okumele alandele lona bese eshintsha lapha nalaphaya,” kusho uJohnson.

“Ngisho abadlali abadlalela leli qembu ngabadlali abaseqophelweni eliphezulu kakhulu, abathengi abadlali abacikizayo.

“Abadlali abasayinwayo abadlali abaluqonda kahle usiko lwaleli qembu ukuze kungabathathi isikhathi eside ukujwayela,” kuchaza lo mqeqeshi.

FUNDA NALA: UBroos usheshe wayipopola ingozi yokweyisa kwakhe, wavele waxolisa

UJohnson ube esephonsela i-Orlando Pirates, iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns inselelo ngokubuyela esikweni labo.

Kuzokhumbuleka ukuthi iChiefs iqashe u-Arthur Zwane njengomqeqeshi ngoba ithi ifuna ukubuyela ebholeni layo hhayi leli ebisilidlala.

NakwiPirates kubonakale kunebhola elingcono ngesizini edlule ingaphansi kukaMandla Ncikazi noFadlu Davids abebeyicija ngokubambisana.

UJohnson uthi abaphathi akumele aphume esikweni lawo njengoba kwenza amaqembu asenhla ne-Afrika okuyiwo azenzela umathanda ebholeni lasezwenikazi.

UJohnson ukhuluma kanjena nje kuzokhumbuleka ukuthi ungomunye wabaqeqeshi abamataniswa nomsebenzi wokucija iPirates ngesizini ezayo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.