UJohnson usakuthokozela ukusebenza noMosimane, akakucabangi ukushiya

UPitso Mosimane noCavin Johnson

OKADONGA GUMBI
Iphini likaPitso Mosimane kwi-Al Ahly, uCavin Johnson uthi kusemnandi ukusebenza nale nsephe yomqeqeshi futhi akakucabangi ukuphuma inxiwa lakhe.
UJohnson walandwa nguMosimane kade ewuqhayilahle kuleli kulandela ukuxoshwa kwiBlack Leopards, kanti uthi wazizwa ebalulekile. Ukuqashwa kwakhe kwethusa abaningi kwazise kwakulindeleke uMosimane alande oyedwa phakathi kukaManqoba Mngqithi noRulani Mokwena ababenganasekela akhe kwiMamelodi Sundowns.
“Akungithusanga. Ngibona ngathi yigama elincane kakhulu futhi elingakufanele ukuchaza umuzwa engaba nawo (ngesikhathi eqashwa uMosimane).
“Ngicabanga ukuthi igama elingcono elikuthi ngazizwa ngihloniphekile,” kuchaza yena.
Uthe kuningi akufundayo njengoba esebenza nomunye wabaqeqeshi abaphambili ezwenikazi.
“Sisebenze isikhathi eside siyizimbangi naye. Imidlalo yamaqembu ethu ibihlale ivutha, mhlawumbe yilokho okumenze waqoka mina.
“Uyangigqugquzela, kanti nami ngimfaka umfutho. Sisebenzisana kahle kakhulu.
“Abantu bambona njengomuntu oyibhoklolo uPitso kanti lokho kwenziwa wukuthi uhlale efuna ukuwina. Ngifunda lukhulu kuye,” kuchaza uJohnson.
Yize ewukhumbula umndeni wakhe, uJohnson uthi akukho angathi uyakujhumbula ngebhola lakuleli.
“Engikukhumbula kakhulu… akukuningi. Ibhola liyafana yonke indawo. Nokho uma ungekho ekhaya uyakhumbula indlela yokukhuluma nolimi lwasekhaya nendlela yokuphila.
“Kodwa asikho isikhathi sokukhathazeka ngalokho ngoba mningi umsebenzi ohlezi usibhekile.
“Kumele siqinisekise ukuthi iqembu lihlezi liphezulu futhi lingcono kunamanye,” kuchaza lo mqeqeshi oke wacija AmaZulu nePlatinum Stars phambilini.
“Angikaze ngikucabange ngisho ukukucabanga nje lokho (ukushiya ayozimela). Okuhlale kusengqondweni yami ukuthi ngifake isandla ukuze silisebenzise ngendlela encomekayo leli thuba esilinikiwe lokuqeqesha iqembu elikhulu kunawo wonke e-Afrika,” kusho uJohnson.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.