UJohnson usola iChiefs ngendlela ephathe ngayo udaba lukaZwane

UJohnson usola iChiefs ngendlela ephathe ngayo udaba lukaZwane
OkaDonga Gumbi

UCavin Johnson uhlaba iKaizer Chiefs ngesimo azithola ekuso u-Arthur Zwane kuleli qembu laseNaturena.

UZwane uyiphini likaStuart Baxter kodwa okungacaciswanga ukuthi ungowesibili ngemuva kukaDillon Shepard.

Cishe yikho lokhu okwenza kugcine kungabukeki kahle uma uBaxter esebizela uSHepard eceleni ebonisana naye uma kunomdlalo.

“Kuningi okwenzekayo kwiChiefs kusukela kubaphathi nasethimbeni labaqeqeshi. Akumele ungamcaciseli umuntu owakudlalela, wakuwinela izicoco…

“Ukwenza kanjani ukuthi umbambise njengomqeqeshi kodwa ungamcaciseli ukuthi ‘wena awuyisena lo muntu esimdingayo, ubambile nje’,” kusho uJohnson kwabeFront Runner.

“Lokho kube yinto embi abeyenzile ku-Arthur Zwane. Kubi kakhulu ngoba kufana nokudlala ngaye, umenze abe nethemba lokuthi angase anikezwe umsebenzi.

“Indlela ezime ngayo izinto njengamanje, u-Arthur ngeke abe ngumqeqeshi weKaizer Chiefs, kodwa kumele bamtshele lokho.

“Kumele baqinisekise ukuthi uyakuqonda lokho ukuze uma kufika umqeqeshi ayazi indawo yakhe. Kwafika uGavin (Hunt) ehamba noDillon yena (uZwane) waba yiphini lesibili.

“Kwaphinda kwafika uStuart, uZwane usayiphini lesibili namanje. Lo muntu wabathatha wabafaka kowamanqamu kwiChampions League, uDillon eliphini kuye.

“Lokho kuthini kuZwane (ukuthi abuyele ekubeni yiphini lesibili), akunawo umlayezo omuhle kuye.

“Yingakho kudingeka kube khona kubaphathi osukumayo, ambize amhlalise phansi amchazele ukuthi wena uzohlala uyiphini lesibili.

“Amtshele ukuthi uma sekufike isikhathi sizokunyusela ekubeni ngumqeqeshi, sokunyusa bese kuthi uma uhluleka sikukhombe isango.

FUNDA NALA: Usethole ikhaya elisha uChawapiwa obesentunta nendishi

“Inkinga indlela abenza ngayo ayilungile, bathi ‘sicela ubambe iqembu njengamanje’ kuphelele lapho. Uyazi ukuthi noma kungabheda, yena usenawo owakhe umsebenzi (wokuba yiphini).

“Akukho okumgqugquzelayo kulokho,”  kuchaza lo mqeqeshi obeyiphini likaPitso Mosimane kwi-Al Ahly.

Usole naye uZwane ngokuvuma ukuthi kuchitshiyelwe ngaye uma kuhlushekiwe, wathi akumele abaqeqeshi bakuvume lokho.

“Njengomqeqeshi nawe kumele uzihloniphe. Kumele uma bekunika isinkwa esesihleshuliwe ungavumi.

“Kumele ubacacisele ukuthi ‘uma ninginika lo msebenzi, nginikeni ngiwenze. Kodwa uma ninezinhlelo zokulanda omunye umuntu, hhayi mina ngiyekeni ke – tholani omunye ozobamba’,” kusho uJohnson.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.