UJohnson uthi isize uMosimane iSundowns ngokuhlala e-Egypt

UJohnson uthi isize uMosimane iSundowns ngokuhlala e-Egypt
UCavin Johnson
SIhle Ndlovu

Owayeyiphini likaPitso Mosimane kwi-Al Ahly uCavon Johnson ukholwa wukuthi iMamelodi Sundowns izokuthola kunzima ukushaya leli qembu enkundleni yalo.

Abafana Ba-Style bazotholana phezulu ne-Al Ahly emdlalweni wamaqoqo weCAF Champions League eCairo International Stadium ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.

“Ngiwubukile umdlalo wabo (iSundowns) ne-Al Merrikh, ngicabanga ukuthi bekumele bawuwine uma ngibheka amathuba abawatholile,” kusho uJohnson.

Uthe kodwa i-Al Ahly uyazi kahle ukuthi ayifuni lutho uma idlalela ekhaya okuzokwenza izinto ziqanse ngokuphindiwe kwiSundowns.

“Ngicabanga ukuthi njengoba kubuya uPercy Tau uMosimane uzoba nenkinga enkulu uma eseqoka iqembu lakhe.

“Ngaphandle kwalokhu kunabadlali abayisikhombisa bonke abasanda kubuya ukuyodlala kwi-Afcon,” kusho lo
mqeqeshi.

“Ukudlala ne-Al Ahly ekhaya kuhlale kuyinto enzima kakhulu. Kodwa kuzoba umdlalo omnandi kakhulu, sengijahe ukubona ukuthi kuzophetha kanjani.”

UJohnson uthe kuyinto enhle ukuthi iSundowns inqume ukuhlala eCairo ngemuva kokudlala ne-Al Merrikh kodwa lokhu kungaphinde kungabi kuhle ngakolunye uhlangothi.

“Kunezihlangothi ezimbili ukuhlala kweSundowns eCairo. Okokuqala ukuthi laphaya basanda kuphuma kubusika ngakho kuyabanda futhi linakho ukuthi line.

FUNDA NALA: UMalinga ushumayela ubumbano kwezamankomane

“Ngakolunye uhlangothi thina siphakathi kwehlobo, ngakho mhlawumbe yileso isizathu esenze ukuthi bahlale bazijwayeze isimpo sakhona.”

Kuyaziwa nokho ukuthi uMosimane uyathanda ukuthola kabanzi ngeqembu asuke ezodlala nalo, ngakho angakuthola kulula ukuyobheka ukuthi iSundowns ihlelani.

“Ukuhlala kweSundowns kuzonika ithuba abase-Egypt ukuthi bapopole yenza ini, kusuka ekuqaleni kuze kube sekugcineni.

“Nakanjani kukhona ozobagada bese atshele i-Al Ahly ukuthi kwenzekani,” kubeka uJohnson.

Lo mqeqeshi uphethe ngokuthi uyifisela okuhle kodwa iSundowns, yize azi ukuthi izobe ibhekene nomdlalo onzima eCairo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.