UJomo akanankinga nokuyodlala kwi-ABC Motsepe, uma nje kuseyibhola nakhona

UJomo akanankinga nokuyodlala kwi-ABC Motsepe, uma nje kuseyibhola nakhona
Alfred Ngubane

UJomo Sono ukwamukele ukuyodlala ehlathini elimnyama kwi-ABC Motsepe League futhi uthi akanayo nencane inkinga ngalokho.

Into ebukeka ibaluleke kakhulu kuSono wukuthi iqembu blakhe lizobe lisadlala ibhola ukuthi kukusiphi isigaba akubalulekile kuye.

Uthi vele ngesikhathi ethenga iqembu ngo-1983 inhloso yakhe kwakuwukwakha abadlali bese ebadayisa hhayi ukuwola izicoco.

“Yini kambe engangenza ngidumale? ANgidumele ngoba noma ngabe ngidliwe yizembe, ngisazobe ngidlala ibhola nakwi-ABC Mitsepe League.

“Ngeke kujike kuthiwe angidlale umdlalo wokubhukuda,” kusho uSono kwabeTimesLive ngeSonto.

“Ngizobe ngisenza lento engiyithandayo. Uma nje kuseyibhola mina ngingayodlala ngisho kwiligi yaMai Mai.

“Izinto esengizizuzile ebholeni zisobala kuwo wonke umuntu futhi akekho ozozicisha. Zizohlale zikhona.

“Ngawina izindebe eziyisithupha (ngisadlala) kodwa kwathi uma ngithenga isitifiketi sebought Highlands Park ngaqala iqembu lami, inhloso kwakungeyona ukuhubha izicoco.

“Engangifuna ukukwenza ukuthuthukisa amakhono kubafana bese ngibadayisa. Ngikwenzile lokho futhi ngisazokwenza noma sengisehlathini.”

Uthe ngeke esaphinda athenge esinye isitifiketi kodwa uzodlala kwi-ABC Motsepe League ngoba yena usaqutshwa wuthando lwebhola.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *