UJomo uthi izinga liphezulu kwiGladAfrica kunakwiPremiership kuleli

UJomo uthi izinga liphezulu kwiGladAfrica kunakwiPremiership kuleli
UJomo Cosmos
OkaDonga Gumbi

IJomo Cosmos seyivele ifana nemuke nomfula kwiGladAfrica Championship kodwa umnikazi wayo uJomo Sono akakalilahli ithemba – uthi unecebo lokuphunyula kulo noxhaka agaxele kuwo.

Njengoba sekusele imidlalo emithathu, iCosmos idinga ukuyiwina yonke bese kuthi lamaqembu amabili angenhla kwayo ahlulwe kuyo yonke.

Umdlalo ozocacisa kahle ngayo yilo wangempelasonto la izobhekana khona neTS Sporting engenhla kwabo futhi ebashiya ngamaphuzu ayisithupha.

Uma ike yadlala ngokulingana noma yahlulwa, kuyobe sekuphele nya ngayo futhi kumele ilungele ukuyodlala kwi-ABC Motsepe League ngesizini ezayo.

Kodwa noma kunjalo uJomo uthi akayicabangi nje eyokudliwa yizembe ngoba yena unecebo lokuhlenga leli qembu lakhe.

Kuzokhumbuleka ukuthi nakumasizini adlule iCosmos beyisinda sekuvalwe amehlo ezembeni ngokuwina imidlalo ekugcineni.

“Angiyicabangi kwakuyicabanga nje eyokudliwa yizembe neyokuyodlala kwi-ABC Motsepe League mina,” ucashunwe esho kanje uSono kwiSunday World.

“Leli qembu linomlando onothile futhi sizokwenza konke ukulivikela linganyamalali. Ababuke imidlalo yethu yakamuva bazokutshela ukuthi sidlala kahle kakhulu.

FUNDA NALA: Kuyibhimbele iPirates ekomidini eliqondisa izigwegwe kwiPSL

“Sibe nebhadi nje ukuhlulwa kweminye yaleyo midlalo. Empeleni nje kumele ngabe siwabhudluza ngenqwaba yamagoli amaqembu esidlala nawo.

“Akhona amacebo okuvika izembe kodwa ngeke ngiwasho manje ngoba izitha zingaze ziwabambe.

“Sizodinga inhlanhla nje ngoba laba bafana badlala ibhola elihle. Ukuthi nje ushubile umbango la kulesi sigaba, izinga liphezulu kunakwiligi enkulu.

“Akulula neze kulesi sigaba. Kodwa asiyicabangi kwakuyicabanga eyokudliwa yizembe njengamanje.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.