UDABA: Mhlengi Cele
ISITHOMBE: Facebook
UJomo Sono, ongumqeqeshi nomphathi weJomo Cosmos, uthi akumethusi ukubona uPitso Mosimane ephumelela ebholeni ngoba uyamazi ukuthi uhlale ezimisele kukho konke akwenzayo.
UMosimane, ongomunye wabaqeqeshi abaphambili e-Afrika, waqala ukudlala ibhola elikhokhelayo kwiJomo Cosmos ngaphansi kukaSono esaneminyaka engu16. Njengamanje uqeqesha iqembu elikhulu lase-Egypt, i-Al Ahly, asenqobe nalo izindebe eziyisithupha.
UMosimane waqala ukuqeqesha kwiSuperSport United, wadlulela kwiBafana Bafana ngaphambi kokugqama kakhulu njengongomqeqeshi weMamelodi Sundowns.
USono, ongadingi kuchazwa ebholeni laseMzansi, waziwa kakhulu ngokukhiqiza ikhono. Kamuva nje ubejabule ngesikhathi iMT Sports, okuyinkampani ephethe izindaba zikaMosimane, imvakashele izombonga ngokuvundulula ikhono, nokuba nesandla kwimpumelelo kaJingles.
USono utshele iMT Sports nabezindaba ukuthi akamangali ukubona uMosimane ekuleli zinga asekulo manje kwezokuqeqesha, ngoba waqala esemncane kakhulu ukuphokophela phambili empilweni.
“UPitso ungumuntu okhaliphile. Wazi esengumfanyana ukuthi ufunani empilweni yakhe” kusho uSono.
“Kusukela esaneminyaka engu-16 wayezithembile, enenkani, futhi engumuntu ongamchaza njengozaziyo. Uma uPitso ekholelwa kokuthize usuke ekholelwa kulokho futhi ngeke umshintshe kalula.”
UMosimane ngoLwesithathu ebusuku uphinde wanqoba indebe yeCAF Super Cup ne-Al Ahly. Usezuzele iClub of the Century izindebe eziyisithupha esikhathini esingangonyaka eyiqeqesha.
EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com