UJomo uzomangaza abaningi evika izembe, kusho uMkhalele

UJomo uzomangaza abaningi evika izembe, kusho uMkhalele
UJomo Sono
Alfred Ngubane

UHelman “Ncane” Mkhalele, ongumqeqeshi weqembu lesizwe labafana abaneminyaka engaphansi kuka-23, ubona uJomo Sono ongumnikazi weJomo Cosmos, esengawaguqula amatafula kwiGladAfrica Championship.

Iqembu likaSono libhekene nokudliwa yizembe kwiChampionship bese liyodlala kwi-ABC Motsepe League.

Lisendaweni embi njengoba lilele kweyesithathu ukusuka emsileni. Lidlale ngokulingana ne-University of Pretoria ngoMgqibelo.

UMkhalele, ofanisa uBra J nobaba kuye, uthe unamasu amahle okubalekela izembe futhi akangabazi ukuthi uzophuma kulolu daka akulo.

“Leli qembu linomlando omude ebholeni laseNingizimu Afrika, njengoba likhiqize abadlali abaningi kusukela ngezikhathi zeNational Soccer League (NSL),”  kusho uMkhalele.

“Angingabazi ukuthi uJomo uzosijika isimo ngeke leli qembu lidliwe yizembe kalula kanjalo nje,” kusho yena.

Sekusele imidlalo eyisikhombisa kuphothulwe isizini kulesi sigaba kanti iCosmos isele nemidlalo engelula.

FUNDA NALA: UBaxter uyavuma ukuthi kushoda ngabalandeli kwiChiefs

Emdlalweni wayo olandelayo izogadulisana neBlack Leopards okuyiyo esemsileni kwilogi yalesi sigaba.

Uma ingawina kulo mdlalo, bese iTS Sporting ishaywe yi-University of Pretoria, isimo singaba ngcono ngoba ingabe seyiqhele ngamaphuzu amathathu ezembeni.

Njengamanje ayisithupha amaqembu asesengozini yezembe kulesi sigaba okwenza ukuthi siphethwe ngendlela ezoheha amehlo.

Phezulu kusaqhwakele iRichards Bay yize igebe selinciphe kwaba ngelephuzu elilodwa, kwazise iTuks ayiwanike thuba lokuphefumula njengoba iyihlezi ezithendeni nje.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.