UJordaan ufuna usingathwe kuleli umqhudlwano wabesifazane

UJordaan ufuna usingathwe kuleli umqhudlwano wabesifazane
UDanny Jordaan
Alfred Ngubane

Umengameli weSafa uDanny Jordaan usephumele obala ngezinhloso zabo zokusingatha iCaf Women Africa Cup of Nations (Wafcon).

Uthi bayakhulimisana nenhlangano ephethe ibhola lase-Afrika ngokuthi basingathe le ndumezulu yebhola labesifazane.

Uphinde waveza ukuthi useke wakhulumisana noNathi Mthethwa, ongungqongqoshe wezemidlalo kuleli ngalolu daba, enxenxa ukuthi uhulumeni ubaxhase ukuze bakwazi ukufaka isicelo sokuthi le midlalo ize kuleli ngo-2024.

Kuzokhumbuleka ukuthi ibhola labesifazane kuleli lidlondlobala ngendlela eyisimanga, kusukela kwasungulwa iHollywoodbets Super League okiyiligi yabesifazane kuleli.

Iqembu lesizwe lakuleli, iBanyana Banyana, nalo liyakhula impela. Bheka nje ngoba yahlulwa kowamanqamu eGhana nakhona sekukhahlelwa amaphenathi ibhekene neNigeria.

FUNDA NALA: UBenni uthi usekhumbula ngisho inhlamba yabalandeli enkundleni

Kulo nyaka iWafcon izobanjelwa eMorocco kanti izoqala ngoJulayi 2  iphele ngoJulayi 23, futhi Banyana ngelinye lamaqembu abhekiwe ukudla le ndebe.

Uma yenze kahle kuwo iyobe seyizibeka ethubeni elihle lokungena kwiNdebe yoMhlaba.

Elakuleli linomlando omuhle wokusingatha ngempumelelo imiqhudelwano emikhulu, njengoba ngo-1995 lasingatha iNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo.

Ngo-1996 iNingizimu Afrika yasingatha iCaf Africa Cup of Nations, ngo-2010 kwaba yiNdebe yoMhlaba, ukukha nje phezulu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.