UJordaan ugadle ‘kumavukane’ eGhana FA ngenzukazikeyi yesikhalazo

UJordaan ugadle 'kumavukane' eGhana FA ngenzukazikeyi yesikhalazo
UDanny Jordaan
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Umengameli weSouth Africa Football Association (Safa) uDanny Jordaan usehlulekile ukuzibamba, waphendula ngembibizane evuthayo kwiGhanaian Football Association (Ghana FA).

Selokhu kuqubuke umsindo mayelana nomdlalo weGhana neBafana Bafana, iGhana FA ishiya engalazi kwiSafa eholwa uJordaan.

Baze basho nokuthi iBafana le abebedlala nayo intekenteke ngendlela emangalisayo.

Nokho akwaziwa ukuthi abayibhudluzanga ngani ngenqwaba yamagoli iBafana uma ingamanzi amancane.

Kunalokho kukhalwe ngezinqumo zikanompempe ebezivuna iGhana nephenathi engaqondakali.

Lokhu kwenze ukuthi iSafa idlulisele udaba kwiFifa esacubungula namanje ukuthi ngabe umdlalo wawuthengiwe yini noma unompempe wenza amaphutha nje njengomuntu.

Kukho konke lokhu iGhana FA ayizibekile phansi njengoba ibisho nokuthi iSafa kumele ngabe yenzeni noma yini engayenzanga mayelana nalolu daba.

“Ngeke ufundiswe uthishela wasesikoleni samabanga aphansi uma ungusolwazi waseNyuvesi.

“Thina sesike sasingatha iNdebe yoMhlaba, futhi yavotelwa njengebe yimpumelelo ezwenikazi i-Afrika,” kusho uJordaan.

Ubekhuluma nentatheli esimkantshubomvu uRobert Marawa emhlohla imibuzo mayelana nale mpicabadala.

“Ngeke sifundiswe abantu abasenonyaka owodwa bephethe ibhola, yingakho nje sikhetha ukuzithulela.”

Umdlalo weBlack Stars neBafana Bafana udlalwe ngoNovemba 14.

Nokho alipheli isonto iGhana FA neSafa benganikizananga njengoba kusalindwe isinqumo seFifa.

FUNDA NALA: Kunconywa isandla sikaMalesela ngokuwina kweGallants

INingizimu Afrika yafaka isikhalazo sayo kwiFifa kusaphele usuku olulodwa kudlalwe umdlalo.

Nalapho iGhana FA iyona eyase itshela abezindaba ukuthi iSafa ayikwenzanga ngendlela okuthile ngakho leli cala ngeke liqhubeke.

Nokho kuleli sonto kuvele ulwazi olusha lokuthi kunesikhulu saseGhana esavakashela eSenegal ngaphambi kokuthi umdlalo udlalwe eCape Coast.

Unompempe owayephethe umdlalo uMaguette N’Diaye ungowakhona eSenegal.

Kusazobhekwa ukuthi ngabe lesi sikhulu saba nawo yini umdlalo noN’Diaye.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.