UJordaan uncoma abaxhasi ngokukhula kweBanyana eshaye iNigeria

UJordaan uncoma abaxhasi ngokukhula kweBanyana eshaye iNigeria
Abadlali beBanyana Banyana
UDABA: Zukiswa Tshaka
ISITHOMBE: Twitter

Umengameli weSAFA uDanny Jordaan uncome indima edlalwe ngabaxhasi nokwenze kwakhula ibhola labesifazane kuleli.

Ubekhuluma ngemuva kokuthi iBanyana Banyana idlale kahle iguqisa iNigeria ngo 4-2 wki-Aisha Buhari Cup.

UJordaan uthe ngemuva kweminyaka ukusebenzisana kweSAFA nabaxhasi kuhlangene nokusebenza ngokuzikhandla kwabaqeqeshi nabadlali seziyavela izithelo.

Uthe ukushaya amaqembu akleliswe phambili e-Afrika nalapho ushaye iqembu lidlala ekhaya kusho ukuthi iBanyana yiyo ephethe ebholeni yabasifazane ezwenikazi njengamanje.

“Uma ushaya umphetha, lokho kusho ukuthi usungumphetha omusha. IBanyana Banyana ibonise
ukuthi ingomphetha.

“Futhi akekho ongakungabaza lokho ngoba bekufanele bathole isicoco,” kusho uJordaan ngeSonto.

Lokhu bekungeke kwenzeke ngaphandle kwabaxhasa ibhola labesifazane iSasol neHollywoodbets.

Ukufika kweHollywoodbets kwenze omkhulu umehluko njengoba sekuneligi ekhokhelayo yabesifazane kuleli iSuper League.

“ISasol sekuyimanyaka ixhasa ibhola labesifazane, futhi thina siyiSAFA kumele sibashayele ihlombe
ngokufaka imali lapho kufanele khona.

“Babe yimigogodla yebhola labesifazane. Konke esinakho ebholeni labesifazane bokungeke kwenzeke ngaphandle koxhaso lwabo.”

UJordaan uncome iHollywoodbets ngokuxhasa iHollywoodbets Super League, okuyiligi ekhokhelayo yabesifazane futhi eyokuqala ngqa e-Afrika.

“Anginawo amazwi okuchaza indlela esijabula ngayo njengoba ibhola labesifazane lixhaswa yiHollywoodbets futhi ngithemba ukuthi sizoqhubeka sisebenze ndawonye iminyaka eminingi ezayo.

FUNDA NALA: Iqhubekile nokuvulela isibhaxu iRoyal AM esisembangweni wesicoco

“Nabakade besuka kwiFIFA bethamele le midlalo basale bebambe imilomo ngenxa yokudlala ngokuzikhandla kweBanyana Banyana.

“Lokhu kusinikeze ithemba njengoba ngonyaka ozayo kuzobe kudlalwa iNdebe yoMhlaba eNew Zealand nase-Australia. Sizobe zikhangisa ibhola lase-Afrika.”

Asikho isikhathi sokuthi iBanyana iphumule ijabulele ukunqoba kwayo eNigeria. NgeSonto elizayo kuqala umqhudelwano weCosafa Cup eNelson Mandela Bay futhi iBanyana ibheke ukuvikela lesi sicoco.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.