UJordaan unxenxa iCaf neFifa ukuthi babhekisise ukwehliswa kweminyaka

UJordaan unxenxa iCaf neFifa ukuthi babhekisise ukwehliswa kweminyaka
U-Elia Balamwabo weDRC noDanny Jordaan
OkaDonga Gumbi

Ziqubule umsindo izithombe zabadlali beqembu leDemocratic Republic of Congo labafana abaneminyaka engaphansi kuka-16.

Abanye balaba bafana bebebukeka bengaphezulu kwale minyaka, kanti nomengameli weSafa uDanny Jordaan useveze ukuthi kumele ibhekisiswe indaba yeminyaka.

Leli qembu yilo eliwine umqhudelwano wezikole weCaf obuseDRC muva nje kodwa uJordaan uthi bekunezinkonondo ngokwehliswa kweminyaka.

UJordaan ubengesinye sezimenywa kulo mqhudelwano, lapho iqembu lakuleli labesifazane, i-Edendale Technical High, elilale khona isibili.

“Umqhudelwano wabafana yinto iCaf nenhlangano eyengamele ibhola emhlabeni iFifa, okumele bayifakele izibuko,” kusho uJordaan kwabeSunday World. 

“Iningi labantu abebekulo mqhudelwano bebeshaya amakhala ngabanye babadlali abebekulo mqhudelwano. Bebethi ababukeki bengaphansi kuka-16 ngeminyaka. 

“Ukwehliswa kweminyaka kuyinkinga kodwa akukuningi esingakwenza, ngoba bonke abadlali bafika nomazisi abasemthethweni basemazweni abo.

“Bekukhona izinkunzimalanga zezinkoqoba laphaya. ICaf kuzomele ikusukumele, ikubhekisise lokhu.”

FUNDA NALA: USong uzonikwa isikhathi sokuyakha kahle iCameroon

Uthe ukwehliswa kwabadlali iminyaka kungenzeka kunomthelela ekutheni amazwe ase-Afrika angaqhakambi uma esesezingeni lomhlaba.  

“Le nkinga indala ebholeni lase-Afrika futhi sekumele siyisukumele, sikhulume ngayo. Ayisisizi ekuthuthukiseni abadlali abasebancane.

“Ngeke ukwazi ukubona ukukhula kwabo uma bedlaliswa esigabeni asebengaphezulu kwaso ngokweminyaka,” kuchaza yena.

Odabeni lwe-Edendale Technical High, uyincomile wathi ilahlwe inhlanhla ekugcineni njengoba ihlulwe ngamaphenathi kowamanqamu.

“Babe neshwa ngoba emdlalweni bakhe inqwaba yamathuba okushaya amagoli kodwa basenze saziqhenya siyizwe.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.