UJordaan utshele abeChiefs ukuthi bangayilahli ekugcineni koweCAF

UJordaan utshele abeChiefs ukuthi bangayilahli ekugcineni koweCAF
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

‘Ngeke nikwazi ukwenza lokhu abantu abebekulindele kinina ekuqaleni kwalo mqhudlwano.’ Lokhu kushiwo ngumengameli weSouth African Football Association (Safa) uDanny Jordaan ngesikhathi efisela iKaizer Chiefs inhlanhla.

UJordaan uhlangane nabadlali nethimba leChiefs eMorocco la izobhekana khona ne-Al Ahly emdlalweni wamanqamu kwiCAF Champions League ngoMgqibelo ngo-9 ebusuku.

Ubebhekise ekutheni abantu babengalindele ukuthi iChiefs ingahamba ize ifinyelele kowamanqamu kulo mqhudelwano. Kwakulindeleke isheshe yehluleke, iphume.

“Senihambe ibanga elide kakhulu ukuthi ningabheka emuva manje. Ngosizo loMdali nikwazile ukufika lapha. Uma kubhekwa ubunzima enibhekane nabo ngeke kube kuhle ukubheka emuva manje.

“Nisalelwe yimizuzu engu-90 kuphela ukuthi nibhale kabusha umlando weChiefs nowebhola laseMzansi. Uyazi kwiBafana Bafana basakhuluma nge-Africa Cup of Nations (Afco) le enayiwina ngo-1996.

“Ungawina iligi yonke iminyaka kodwa iChampions League bayokhuluma ngayo unomphelo. Ngeke balokhu bebuza ukuthi iChiefs yayiwina kangakhi iligi neNedbank Cup. Bayohlale bekhumbula lowo nyaka iChiefs eyawina ngawo iChampions League.

“IPirates namanje isakhuluma ngo-1995 nenkanyezi abayiwina. Uma izinto zingahambi kahle kubona abalandeli babakhumbuza ukuthi sinenkanyezi. Ngakho ninalo ithuba lokuletha injabulo ezweni lethu.

“Kunifanele ukuba lapho nikhona. Ninomqeqeshi osebone yonke into olekelelwa abanye. Ngiyakhumbula sidlala ne-Egypt inkundla igcwele abalandeli bayo abalinganiselwa ku-90 000.

“Bangu-30 kuphela abebeseka thina, kukhona abadlali abafana noMoh Salah. Kodwa asibanikanga ithuba lokuthi basishaye kulobo busuku. Imidlalo yamanqamu idlalwa kanjaloke.

FUNDA NALA: IPirates ihlabene ngesibabuli kuSaleng, kusho obemqeqesha kwiStars

“Ninamava amakhulu, okumele nikwenze ukuthi ningene enkundleni nenze le nto. Ngeke ngilokhu nginitshela nge-Euro 2021 ngoba akekho owayengasho ukuthi indebe izoya kuphi. Ibhola lomhlaba aliwinwa ngomlando kodwa liwinwa kulobo busuku,” kwenaba uJordaan.

I-Al Ahly ezobhekana neChiefs seyiwine iChampions League amahlandla ayisishiyagalolunye. IChiefs izobe iqala ngqa ukudlala kowamanqamu kwiChampions League ngempelasonto.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.