UJudas akayivumelanga ibaThwahlazele ekhaya iRoyal AM

UJudas Moseamedi
Sihle Ndlovu

UJudas Moseamedi weStellenbosch FC, walile ukuthi iRoyal AM ibaThuhluzele ekhaya emdlalweni weDStv Premiership, eDanie Craven Stadium, eStellenbosch, ngeSonto ntambama.

Lo mgadli ushaye amagoli amabili ngesikhathi iStellies ibambana ngo 2-2 neThwihli Thwahla emdlalweni obushisa eKapa.

Kube yizivakashi eziqale kahle umdlalo zizama ukuhlasela. Nokho ngokuhamba kwesikhathi iqembu lasekhaya libuyile, lakhombisa ukuthi yilona osokhaya.

Ngomzuzu weshumi kucisho kwaba yiStellies eshaya igoli kuqala kodwa ibhola ebelishaywe u-Ashley du Preeze walichitha unozinti uPatrick Nyame.

IThwihli Thwahla iphinde yanyusa izinga kwathi ngomzuzu ka-14 uMxolisi Macuphu washaya igoli, yahamba phambili ngo 1-0.

IStellies ilitholile ithuba lokushaya igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-26 kodwa iphenathi kaJunior Mendieta wayivimba uNyame, kwagcina kuyikhona. Womabili amaqembu abengaya ekhefini eseshaye okungasenani amagoli amabili kodwa kwasebenza onozinti.

Ngesiwombe sesibili ezikaSteve Barker zibuye sezihangazela, zifuna igoli lokulinganisa. UBarker wenze ushintsho olugcine luyizuzisile iStellies.

UMoseamedi, ongene esuka ebhentshini, ushaye igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-63. Ucisho washaya elinye futhi igoli uMoseamedi ngomzuzu ka-80 kodwa wangavuma uNyame.

Ngomzuzu ka-84 ibuyile futhi iRoyal AM yashaya igoli elize noTebogo Potsane, yahamba phambili ngo 2-1. Kuvele konakala kakhulu kwiStellies ngesikhathi ukaputeni wayo, uZitha Kwinika, ephuma ngekhadi elibomvu ngemuva kokuthola elesibili eliphuzi, ngomzuzu ka-86.

Bese kubukeka sengathi izobuyela nawo wonke KwaZulu-Natal amaphuzu iThwihli Thwahla kodwa wabuya futhi uMoseamedi washaya igoli lesibili ngomzuzu ka-89, kwaba ngu 2-2

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.