UJudas uphinde wayigila iChiefs koweDStv Premiership

Sihle Ndlovu

Kaizer Chiefs (0) 0

Maritzburg United (0) 2

UJudas Moseamedi weMaritzburg United uphinde wayigqema engeqiwa ntwala iKaizer Chiefs eshaya amagoli amabili ayingcwabe iphila eFNB Stadium, ngoMgqibelo ntambama.

UMoseamedi usekwenze umsebenzi wakhe ukudumaza Amakhosi uma ebhekene neTeam of Choice, yaseMgungundlovu. Uke wenza okufanayo emdlalweni weTelkom Knockout eshaya amagoli amabili aqinisekisa ukuthi iChiefs iwasha ijezi kulo mqhudelwano.

Izolo ukuphindile lokho “uJudas Iscariot” eshaya igoli ngomzuzu ka-66 kade umdlalo uye ekhefini zibambene ngo 0-0. Uphinde wabuya umfoka Moseamedi ngomzuzu ka-80 washaya igoli lesibili kwahwalala kuMakhosi.

Umdlalo ubuqale kuyiChiefs ebihlasela kakhulu kodwa ayizange ifike ezintini ngokufanele kwaze kwaba umdlalo uya ekhafini. Okuhlaluke kwiChiefs ukuthi beyihuqa ubuthongo emuva ikakhulukazi njengoba kade engekho u-Erick Mathoho.

Umqeqeshi weChiefs uGavin Hunt uzamile ukushintsha izinto ngesiwombe sesibili efaka uDumisani Zuma endaweni kaKhama Billiat, obesethintekile, ngomzuzu ka-48. Nokho kube nhlanga zimuka nomoya ngoba iMaritzburg iqhubekile nokuphoxa iChiefs njengoba yenzile ngesizini edlule.

Bekulindeleke ukuthi iChiefs ifike ihambela phezulu kulo mdlalo ngemuva kokudlulela kweyamaqoqo yeCAF Champions League. Kuhlule ngisho sekungene isethenjwa uSamir Nurkovic kodwa kwangavuma ukuhlangana kuMakhosi.

Emdlalweni olandelayo wePremiership iChiefs izobhekana naMaZulu FC eJonsson Kings Park ngoLwesithathu. Njengamanje iChiefs isendaweni ka-14 ngemuva kwemidlalo eyisishiyagalolunye.

Imiphumela yePremiership:

Kaizer Chiefs 0-2 Maritzburg United; Tshakhuma 2-2 Cape Town City; Baroka 0-2 Mamelodi Sundowns; Golden Arrows 1-0 Chippa United; TS Galaxy 0-3 SuperSport United