UJunior Khanye usesungule iqembu lakhe, ufuna ukufana noKaizer Motaung

UJunior Khanye

OKADONGA GUMBI
Usehlose ukugcina efike ezingeni likaKaizer Motaung njengoba eseziqalele iqembu lakhe uJunior Khanye owake wadlala kwiKaizer Chiefs. UKhanye utshele Impempe ukuthi useneqembu lakhe iFak’mali Uzobona FC athi ufuna ukulikhulisa ligcine lifike ezingeni leChiefs.
“Sengingusihlalo,” usho kanje ngezwi eligcwele injabulo nokuziqhenya. “Okwamanje sisafana nenkulisa kodwa inhloso enkulu wukuthenga isitifiketi sokudlala ezigabeni eziphezulu.”
Uthi intshisekelo yokuqala iqembu lakhe uyithole ngokubuka abadlali abanekhono nethalente abagcwele elokishini azalelwa futhi wakhulela kulo abagciba bengawwtholanga amathuba okuziveza.
“Yiqembu lomphakathi waseDaveyton leli. Phela leli lokishi lifana neBrazil uma ubheka ithalente lebhola esinalo. Kusukela kudala iDaveyton ibikhipha unqambothi kwabadlali.
“Ngingabala mina, uJabu Mahlangu, Skapie Malatsie noPollen Ndlanya phakathi kwabanye abaningi,” kuchaza uKhanye. Uthi kuyihlazo ukuthi abadlali bakuleli lokishi kumele baze bathuthele kwezinye izindawo ukuze bathole ithuba lokudlala ezigabeni ezikhokhelayo.
“Akukwazi ukuthi singabi nalo iqembu lapha. Akufanele. Abadlali bethu kumele baze baye le koSoweto bayizama khona inhlanhla. Kumele kube yinto eyenzeka ngoba umdlali esethengwe eqenjini lakhona la ngakithi.”
Uthi basalungisa okuthile nabambisene nabo futhi okwamanje basazokugcina kuyimfihlo ukuthi yiliphi iqembu abaxoxisana nalo ngenhloso yokuthenga isitifiketi salo.
“Okwamanje ngeke ngisho ukuthi sizothenga isitifiketi sasiphi isigaba ngoba kukhona esisakuqondisa. Kodwa kukhulu esiza nakho.
“Akekho ozosivimba manje. Sizovula kuvaliwe. O-Irvin Khoza noBra Kaizer abantu esibukela kubo. Nabo baqale njengathi bagcina benamaqembu amakhulu.”

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.