UJunior Vinicius sacishe samthola, saxhoshwa yiMadrid: Mngqithi

UMngqithi uthi iSundowns yaxhoshwa yiReal Madrid kuJunior Vinicius
UManqoba Mngqithi
OkaDonga Gumbi

Ukusabalala kohlelo lokuhlwaya ithalante lweMamelodi Sundowns lwake lwavundulula ubisi lomdlali, kodwa kwafika izinkunzi zaseSpain zamhlwitha kuqala.

Indaba yokuthi iReal Madrid yamthola kanjani uJunior Vinicius, imthatha neSundowns seyizibhekile kuye luxoxwe uManqoba Mngqithi kuleli viki.

Uthi iSundowns inabantu abahlale beyifakele amehlo kumaligi ehlukene emhlabeni kanti noVinicius waseBrazil base bemnombolile.

Sebebanini abadlali iSundowns eyabathola emazweni aseningizimu neMelika kusukela koJose Torrealba kuze kufike kwabamanje uGaston Sirino.

Muva nje isayine u-Erwin Saavedra waseBolivia okuyizw elikhona le eningizimu yeMelika. Lo mdlali ufike kuleli sonto kwiSundowns elandela uPavol Safranko ofike ekuqaleni kwesizini.

“Sinohlelo oluhle kakhulu lokuhlwaya amakhono futhi sinabantu abaneso elibukhali abenza umsebenzi oncomekayo.

“Nokuthuthuka kobuchwepheshe bezokuxhumana nakho kuyasiza kakhulu kulezi zinsuku ngoba sisheshe siluthole ulazi ngomdlai sikwazi ukulucubungula kahle.

“Sisuke sifuna ukubona ukuthi singakuthola yini kulowo mdlali lokhu esisuke sishoda ngakho sikufuna kuye,” kucahaza uMngqithi.

FUNDA NALA: Kuzovundululwa amakhono abasubathi emakhaya aseMtshezi

“Baningi ke nokho abadlali abasiphunyukayo omunye wabo nje wagcina esayinwa yiLiverpool (yase-England)…

“Kwakumele simsayine ngaphambi kokuthi aye kwiFC Porto. Sasesimbeke esikalini uDiaz kodwa ngeshwa sabambezeleka, sasala kanjalo ke njengoba esewkwiLiverpool nje.

“Baningi abadlali esihlale sibabheka futhi ungathi ngiqamba amanga uma ngingathi uJunior VInicius naye wake waba sohlwini lwabadlali esasibazingela engakayi kwiMadrid.

“Sambona ngesikhathi edlala kwiBrazilian Cup sazama ukumlandela kodwa saqhuzuka ndlela thize, savuka sesizwa kuthiwa usesayinwe yiReal Madrid,” kuchaza uMngqithi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.