UKadodia usebuye wajika nje, wakuvuma ukuthi uyayidayisa iMaritzburg

UKadodia usebuye wajika nje, wakuvuma ukuthi uyayidayisa iMaritzburg
UFarouk Kadodia
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Kukhona ongalikhulumi iqiniso mayelana nokudayiswa kweMaritburg United okuyinto osekubikwe ngayo kaningi emasontweni edlule. IMaritzburg kuke kwavela ukuthi iyadayiswa emasontweni edlule futhi lokhu akakuphikanga usihlalo wayo uFarook Kadodia.

Izindaba zokuthi iMaritzburg isifakwe endalini ziqale zashicilelwa yiphepha iWitness. Ngesikhathi Impempe.com ithinta uKadodia, ongusihlalo weMaritzburg, ukuthi aphefumule mayelana nalokhu, uvele wakhomba intatheli kwiWitness, wathi ayifunde yona ngoba uchaze konke kuyo.

“Konke ngikuchaze kahle lapho nokuthi iyiphi indlela esizoyilandela. Kungakuhle ufunde lolo daba,” kusho uKadodia kwintatheli ye-impempe.com.

Okwavela ukuthi uKadodia wayevuma ukuthi uyalidayisa iqembu futhi ngemuva kokuthi kushicilelwe udaba lokuthi iyadayisa iTeam of Choice, uKadodia ube esethola izingcingo zilandelana. Ngokusho kwakhe izingcingo abezithola beziza nokuhlukene.

“Izingcingo eziningi bezivela kubantu abebemangele ngalokhu okushicilelwe ephepheni, kanti abantu ababili abafone beseGauteng bathe bangathanda ukuthenga iqembu,” kusho uKadodia.

Isizathu esabekwa uKadodia sokudayisa iqembu ukuthi ayikho inzuzo etheni abayenza eqenjini kanti izikweletu zilokhu zikhula ngamandla.

Ngempelasonto kuvele ukuthi usomabhazinisi waseMzimkhulu, uBongani Gumede, usezingxoxweni nabaphathi beTeam of Choice mayelana nokuthenga iqembu. UGumede, ongusihlalo weG Millionaire edlala kwi-ABC Motsepe KwaZulu-Natal, uzisholo yena ukuthi uphazanyiswe izibhelu ezisukile KwaZulu-Natal, ngabe useqede kudala mayelana nokuthenga iMaritzburg.

“Impela ngiyayidayisa iG Millionaire ngoba ngifuna ukuthenga iMaritburg United. Okwamanje akukaqedwa lutho ngezingxoxo,” ucashunwe esho kanje uGumede.

Bakhona abathi vele iqembu sekungelikaGumede futhi uyena okushoyo lokho. Kukhona nabathi iMaritzburg ingase ithushuke eRichards Bay ngoba umphathi wayo uJomo Sibiya, weRichards Bay FC, uyena okhuluma nabaphathi beTeam of Choice mayelana nokuthenga iqembu. Imizamo yokuthola uBiyela ayiphumelelanga njengoba engaphendulanga ngisho esethunyelelwa iWhatsApp yize bekubonakala ukuthi uyifundile.

Muva nje iMaritzburg seyikhiphe isitatimende lapho ithi khona ayikaze nakanye ithi iqembu liyadayisa. Empeleni manje seyigxeka abezindaba ngokubika okungekhona.

“Ngingakusho ngingananazi ukuthi azikho izingxoxo eziqhubekayo zokudayisa iqembu, futhi azikho izinhlelo zokulidayisa ,” kusho uKadodia esitatimendeni.

FUNDA NALA: Noma ngabe ikhadi elibomvu alivelanga, ngabe kwabheda vele kwiChiefs

“Imibiko yakamuva yabezindaba yokuthi sifuna ukudayisa iqembu ayilona iqiniso, futhi kubikwe ngendlela okungeyona… iqembu limatasa liyasebenza lilungiselela isizini ezoqala ka-2021/22.”

Akwaziwa ukuthi yikuphi okuyikona kodwa iqiniso ukuthi uKadodia ubezisholo ngowakhe umlomo ngisho emisakazweni ukuthi iqembu liyadayisa. Yena kumele acacise uma lingasadayisi.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.