UKaizer Jr uvule intuba yokucelwa uZwane ephawula ngeBarca

UPitso useqede konke neChiefs, uza kuyo ngesizini ezayo
OkaDonga Gumbi

Ukuphawula kukaKaizer Motaung Junior ngebhola elihle elidlalwa yiFC Barcelona isebenzisa abafana abancane kuvulele abalandeli beKaizer Chiefs intuba yokuba bacele ukuthi naye aqashe u-Arthur Zwane.

UMotaung Junior ubephawula ngesikhathi iBarca igadulisana neReal Madrid ngeSonto kusihlwa emdlalweni weligi yaseSpain.

“Wamuhle umdlalo wenu ngesiwombe sokuqala nidlala ibhola eliya phambili, elisheshayo nelikhombisa ikhono kwi-El Clasico.

“Beniwuphethe umdlalo futhi nidlala ibhola elikhangayo elinomjiko. IBarca beyidlala ibhola elikhombisa isiko leBarca,” ubhale kanje uMotaung Junior kwiTwitter.

Lokhu kube sekuvula intuba kubalandeli abebephendula ngokufaka isithombe sikaZwane bethi neChiefs ingalidlala ibhola elihle uma enganikwa ithuba ayiqeqeshe ngokugcwele.

FUNDA NALA: UMkhalele ukholwa wukuthi uJomo uzolivika izembe kwiChampionship

UYoleka Ntuli ufake isithombe sikaZwane noDumisani Zuma, wabe esethi: “Wothi ngishiye lokhu lapha. Bese ngicela ke ukuthi uzamele uBaxter ilivu ephuthumayo.”

UXolani yena uthe: “Nathi sidinga iZwaneBall, bayibiza ngesiko leKaizer Chiefs… usikhombisile kwiMDC nangesikhathi kuxoshwe uGavin Hunt ukuthi singalindela ibhola elinjani kuye. Mnike ithuba.”

UPhillix Kokwele uthe: “Wena njengomphathi uthini ngabadlali abancane abangadlaliswa uStuart Baxter?

“Buka manje sonke sibuka iFC Barcelona ebeyiyingxubevange ngesizini edlule yaze yehlela kwi-Uefa Europa League kodwa manje yakhiwa kabusha ngabafana abancane.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.