UKaizer Junior uphethe umshanelo ushanela zonke izibi kwiChiefs

UKaizer Junior uphethe umshanelo ushanela zonke izibi kwiChiefs
UKaizer Motaung unior nomfowabo omdala uBobby Motaung
  1. Alfred Ngubane

Kunempi yangaphakathi eliwa buthule kwiKaizer Chiefs njengoba uKaizer Motaung Junior Motaung, kuthiwa ushanela konke akubona kuyizibi okwafika ngesikhathi kusakhala isicathulo sikaBobby Motaung.

Impempe ithole ukuthi ukulandwa kukaReneilwe “Yeye” Letsholonyane noSiphiwe “Shabba” Tshabalala kungenye yezinto uJunior akhombisa ngazo ukuthi sekukhala esakhe isicathulo manje.

UJunior ukhushulelwe esikhundleni sokuba ngumqondisi wezemidlalo kuleli qembu ngonyaka odlule kanti amandla amaningi asewele kuye.

“Kumanje ushanela konke akubona kungafanele. Into amuhle ngayo wukuthi akakhulumi kakhulu kodwa uyenza izinto ezibonakalayo.

“Abalandeli bazobona iChiefs ehluke kakhulu kulokhu. Nguye nowabeka umbono wokuthi abadlali abangaziphathi kahle basizwe ukulungisa impilo yabo.

“Uma kwehluleka lapho badedelwe bahambe njengoba kwenzekile nje ngoZuma (uDumisani),” kusho umthombo ocele unkungadalulwa.

FUNDA NALA: Umqeqeshi omusha we-Al Ahly ufisa ahlale uPercy Tau ohhahhanyezwa abalandeli

Kuthiwa into edina kakhulu uJunior wukuthi iqembu seliphenduke ihlazo okuyinto abona ithunaza isithunzi sikayise ekubeni belihlonishwa kangaka.

Ezinye zezinguquko zakhe kube wukudedelwa kwabadlali ababonakala bengekho ezingeni laleli qembu nobengumqeqeshi wonozinti uLee Baxter.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.