UKaizer Junior uveza okwenze akangeza uyise kwethulwa uZwane

UKaizer Junior uveza okwenze akangeza uyise kwethulwa uZwane
UKaizer Motaung Junior noyise uKaizer Motaung beKaizer Chiefs
OkaDonga Gumbi

UKaizer Motaung ubengekho ngesikhathi iKaizer Chiefs yethula ngokusemthethweni u-Arthur Zwane njengomqeqeshi wayo ngoLwesine ekuseni kodwa indodana yakhe uKaizer Junior seyichazile ukuthi kungani.

Ngokujwayelekile uMotaung uba khona uma kwenziwa izimemezelo ezinkulu zeqembu kodwa kulokhu ulovile.

“Usihlalo usekhona. Kusanguye ofika kuqala kunathi sonke ehhovisi futhi nguye ophuma kamuva kunathi sonke,” kusho uKaizer Junior.

“Namanje ukhona nathi la ngokomoya. Kodwa ngenxa yokuthi siphila esikhathini seCovid, useyakuxwaya ukuba sendaweni enabantu abaningi.

“Usakhona futhi nguye osasihola nsifaka ugqozi lokuthi sisebenze ngokuzikhandla ukubuyisela iqembu lapho lalikhona.” 

UKaizer Junior uphinde wakhuluma nangokuthi izinto ziyaqondana kuMakhosi futhi bayakwazi okumele bakwenze ukuvuselela iqembu. 

“Kubalulekile ukuthi abantu bazi ukuthi lo msebenzi udinga ukubambisana futhi nginenhlanhla yokusebenza nabantu abangabaholi.

FUNDA NALA: UMacuphu uthi ngeke bayidedele iPirates ibadlule ithathe indawo yeCaf kwiligi

“Kusukela kusihlalo, imenenja yeqembu uBobby Motaung noJessica ophethe uphiko lwezokukhangiswa kweqembu. Sonke siyasebenzisana. 

“Izinto ziyenzeka uma imikhakha yonke ihambisana. Njengamanje zonke izinhlaka zeqembu ziyahambisana futhi zonke zisebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi iyaphuma impumelelo.” 

Ube esenzusa ukuthi wonke umuntu osondelene neqembu, kusukela kubalandeli kuya kubaphathi kumele baqonde isimo njengoba kwakhiwa kabusha nje.

“Okumele kwenzeke manje wukuthi wonke umuntu osondelene neqemu uyasiqonda isimo sinjengoba sinjalo nokuthi kwesinye isikhathi ngeke sijabulise.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.