UKane noChiellini, iyiphi inkunzi ezophuma itshethe indebe ye-Euro?

UKane noChiellini, iyiphi inkunzi ezophuma itshethe indebe ye-Euro?
UGiorgio Chiellini
UDABA: Mhlengi Josta Cele
ISITHOMBE: Twitter

Zinkani zababili eWembley Stadium, eLondon ngeSonto ebusuku – ngabe kuzokhonya uKane noma uChiellini. Phela kukule nkundla la kuzokhishwa khona inkunzi yase-Europe njengoba kuzogadulisana i-England ne-Italy emdlalweni wamanqamu we-Euro Championships.

UHarry Kane ngukaputeni we-England kanti uGiorgio Chiellini uzobe ehola i-Italy uma seyingena enkundleni ngo-9 ebusuku. Okuhehayo ngalo mdlalo wukuthi womabili amaqembu anezihlabani ezingakwazi ukusiza amaqembu azo awine le ndebe.

I-Italy iya kulo mdlalo nje induku ayiyazi indulu emidlalweni engu-33. I-England yona ibheke ukuwina indebe okokuqala eminyakeni engu-55. Lapha sibheka izimpi zasenkundleni ezizothatha amehlo.

Raheem Sterling v Giovanni Di Lorenzo

USterling ube yiqhawe le-England emidlalweni edlule njengoba eshaye amagoli okuwina ibhekene neCroatia neCzech Republic ngokulandelana esigabeni samaqoqo. Nguye futhi owashaya igoli lokuqala behlula iGermany ngo 2-0 esigabeni se-Last 16.

Emdlalweni owandulela owamanqamu, uSterling ubeyiphela endlebeni ezitobheni zeDenmark futhi nguye owakhanda igoli lokuwina ethola iphenathi eyashaywa uKane. Nokho le phenathi yasusa ukukhuluma.

UDi Lorenzo nguye ongase anikwe umsebenzi wokuqapha lesi sikhwishikhwishi ngeSonto. UDi Lorenzo uba nenkinga nokho uma ebhekene nabadlali abasheshayo njengoba kwabonakala nakwiBelgium ehlulwa ukumaka uJeremy Doku.

Kalvin Phillips v Jorginho

UJorginho ufana nenhliziyo eqenjini le-Italy njengoba kunguye owenza lidlale. UYma engekho efomini kuyabonakala. Kodwa uzothola inselelo eqinile kuPhillips oyinjini ye-England nogijima engakhombisi ukukhathala umdlalo wonke.

Luke Shaw v Federico Chiesa

UChiesa useshise amaqembu amaningi kulo mqhudelwano futhi ushaye amahle amagoli bebhekene ne-Austria neSpain ngokulandelana. Kuzothatha amehlo ukubona ukuthi uzoqhubeka yini nokuzenzela kuShaw owenza ngobuchule umsebenzi wakhe kwesobunxele emuva kwi-England.

Harry Maguire v Ciro Immobile

Umgadli othenjiwe we-Italy, u-Immobile ubengakabukhimbisi kangako ubungozi bakhe kulo mqhudelwano. Nokho unawo amagoli amabili. UMaguire yena ngakolunye uhlangothi wenze abebemngabaza bawagwinya amazwi abo ngendlela adlala kahle ngayo.

Lo mdlalo wamanqamu kungaba yiwona la u-Immobile egqashuka khona ekhombisa ubungozi bakhe, noma uMaguire uzoqhubeka nokuwenza kahle umsebenzi wakhe? Asazi, sekocaca khona emdlalweni.

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.