UKapinga noMaluleka babalulekile kwiSundowns, kusho uMokwena

UKapinga noMaluleka babalulekile kwiSundowns, kusho uMokwena
UGeorge Maluleka
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Ukungadlaliswa kukaGeorge Maluleka kwiMamelodi Sundowns sekumphendule ihlaya ezinkundleni zokuxhumana.

Abalandeli beKaizer Chiefs ayilaxaza kabuhlungu eseya kwiSundowns basebenzisa ukungadlali kwakhe ukumjivaza.

Ukuvela kwesithombe sakhe ephethe isigubhu sensipho okugezwa ngayo izandla njengoba kuneCovid-19 ejimini yeSundowns kwaba yisikhali abangasiyekanga abalandeli beChiefs.

Bamgcona ngalokhu bethi usethole isikhundla esisha sokuwashisa ozakwabo izandla njengoba engadlali nje.

Kwaphinde kwavela esinye isithombe la uMaluleka nozakwabo babencintisana khona ngokupheka njengengxenye yokuqinisa ubudlelwano eqenjini.

Naso sasusa umsindo sekuthiwa usephenduke umpheki kuleli qembu laseChloorkop okungelona iqiniso.

Ngesizini edlule uMaluleka uke wayiqala imidlalo embalwa, kodwa kulokhu akucaci ukuthi uzoke anikwe ithuba.

Omunye umdlali abalandeli abakhathazeke ngaye uLesedi Kapinga. Kodwa yena banozwelo ngaye lokuthi uyancishwa ithuba.

Nokho uRulani Mokwena ongomunye wabaqeqeshi baleli qembu uthi bona abakhethi bala, basebenzisa abadlali abababone bezimisele ejimini.

FUNDA NALA: Iyabaxhila abaningi eyokuzitshwa kukaNgcobo kwiChiefs

“Asinabo abadlali abaseqhulwini lokuqokelwa ukuqala imidlalo,” kusho lo mqeqeshi osemncane kodwa osenamava.

“Wonke umdlali ubalulekile ngoba lena kuzoba yisizini ende. Laba badlali (uMaluleka noKapinga) babaluleke ngendlela efanayo noMshishi (uThemba Zwane) noGaston (Sirino).

“ULesedi uyazikhandla kodwa kunokulimala okuthile asabhekene nakho okumphazamisayo.

“Esikhundleni sokubheka ukuthi ngubani ongadlali, asibheke ukuthi bayiphucule kanjani indlela abadlala nagyo laba badlali,” kuchaza uMokwena.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.