UKaruru uhlephule izinhliziyo zabalandeli beZenkosi

Ngu-Ovidy Karuru ocabele indlela iBlack Leopards emdlalweni weNedbank Cup ngeSonto

SIHLE NDLOVU

Umgadli weBlack Leopards u-Ovidy Karuru uphule izinhliziyo zabadlali beJomo Cosmos eshaya amagoli amabili asheshayo sekuzophela umdlalo.

Lo mdlalo weNedbank Cup Last 32 uphele ngo 2-1 yize kubukeke sengathi uzoya esikhathini esengeziwe ngokungena kwamagoli sekusele imizuzu embalwa ukuthi kuphele umdlalo.

Umdlalo ubuvele uphethwe yiLeopards zisuka kodwa nazo ezikaMjomane bezingazibekile phansi. Nokho ugcine ushintshe ngo 0-0 yize bezike zithengane emdlalweni.

Ngesiwombe sesibili umdlalo uqhubeke zithengana kodwa kungacaci ukuthi igoli lizoqhamuka ngakuphi.

Igoli okubukeke sengathi lizowusonga umdlalo lishaywe nguKaruru ngomzuzu ka-82. Nokho eZenkosi zibuliye ngomzuzu ka-84 zashaya elokulinganisa ngonyawo lukaKhethukuthula Zwane. Lapho kuvele kwacaca ukuthi umdlalo uzodlulela esikhathini esengeziwe.

Kuthe sekubukeka sengathi umdlalo uzoya esikhathini esengeziwe wabuya futhi uKaruru ngomzuzu ka-88 washaya elinye igoli konakala kweZenkosi.

Ukuwina kweLeopards kuchaza ukuthi amaqembu eGladAfrica Championship awakaliboni elidlalayo uma ebhekene naweDStv Premiership kwiNedbank Cup ka-2021.

Imiphumela yeNedbank Cup Last 32 imi kanje:

Cape Town City 4-0 Bloemfontein Celtic; Golden Arrows (4) 1-1 (5) AmaZulu FC; JDR Stars 2-1 Pretoria University FC; Orlando Pirates 1-0 Uthongathi FC; TS Galaxy (8) 0-0 (10) TS Sportng; Maritzburg United 2-1 Sekhukhune United; Tshakhuma FC 1-0 SuperSport United; Pretoria Callies 1-0 Rolay Am; Bizana Pondo Chiefs 1-3 Cape Town All Stars; Mamelodi Sundowns 3-2 Stellenbosch

Email: sihle@impempe.com – Twitter: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.